Bahlezi Phezu Kweqiniso Poem by Mtuseni Malinga OkaZindela

Bahlezi Phezu Kweqiniso

Rating: 5.0

Bahlezi phezu kweqiniso injabulo
Yabo ihamba ibe nezikhawu
Ngenxa yeqiso abahlezi phezu
Kwalo bathuswa namazw' engane ezalwe
Izolo, eyayingekho ebusheni babo

Ingcebo yabo ifana nezeleze
Izinhiziyo zabo azikutholi
Ukuphumula ngenxa yegazi
Elachitheka bathathe amandla amanye
Amadoda kuze bebe kwesihlabayo
Isicongo lesi

Imishado yabo ifana nezihlahla
Ezingenampande ngenxa yeqiniso
Abahlezi phezu kwalo
Lifihliwe ngenhloso yokwenza
Imshado onokuthula kodwa
Ngoba iqiniso liyababa libadlile
Mihla namalanga
Zikhishiwe izingane ngonina, zaphikwa ngoyise
Zanikezwa izibongo ezingezona ezazo

Ihlanekezelwe inkulumo yadluliselwa
Ezinganeni, Iqiniso seliyabadla
Ngenxa yenkulumo edluliselwe
Ezinganeni engelona iqiniso
Yebo iqiniso liyaphilisa kanti
Futhi liyakuletha ukuthula

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success