Happy Womens Day Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Happy Womens Day



HAPPY WOMEN'S DAY
BENGINGAYINI NJE
EKQALENI KOMHLABA KWAKUKHONA ULIZWI
OWADALA U ADAM
BESE WADALA NO EVE WENA BUNGAPHILA YINI NGAPHANDLE KOWE SIMAME
NEVER

ngthe ake ngingasiki elijikayo
ngiqonde nqo odabeni
ngibonge leliqhawekazi elangletha emhlabeni
khona lengoma ayengfundisa yona njalo mase
ngizongena engubeni
le ethi wobonga umdali ukuthi usakugcinile emhleni
yokphila kwakhe nami sengiculela wena mama
ngyabonga ngokungenza indoda emadodeni
wangfundisa okuhle ezweni
awungshiyanga ebunzimeni
udlale indima kababa ebukele endlini
wadlala nekathisha ezhlalele eclasini
ngisho ngoba buhleli unghlupha ngama homework
buka nje sengyakwazi ukwenza umsebenzi wasekhaya
ngaktshela ngathi uma ngkhula lenkondlo ngzoyihaya
ngyazi kona kwabukeka nje ngehlaya
kodwa mama ungfundisile ukuthanda ikhaya
wangfundisa nokuthi ngingathembi umuntu ngthembele
etsheni noma ngingesiye ugqome etsheni noma
umatikuletsheni kodwa ngibe isbonelo esihle entsheni
wena mama uyisizathu sokuphila kwami
ungesiye umfundisi ungumduduzi wempilo yami
nendoda mama uyaz aykhali kodwa ngbhala lenkondlo
imvula yezinyembezi igeleza emehlweni
ngizbuza lombuzo

BENGINGAYINI NJE
EKQALENI KOMHLABA KWAKUKHONA ULIZWI
OWADALA U ADAM
BESE WADALA NO EVE
WENA UNGAPHILA YINI NGAPHANDLE KOWE SIMAME
NEVER

okungjabulisa kakhulu ukuthi usuku lomame luqondene
nokzalwa kwakho
kuyisonto nje uzobuya ecaweni
ufice imbali enhle escabheni
mungena ngaphakathi ufice ngkwenzele ukudla kwakho
kuyi women's day
nje mama ngfuna wenze intando yakho
ngingeyona ivocalist kodwa ngzokculela ingoma yakho
vala amehlo sengyaqala ngyayicula ''NKOSI BABA
BUSISA USUKU LWABESIMAME WEHLISE ISBUSISO 1
BY 1 BESE LABA ABANGENABO ABAZALI KUBE
NGUWE UMZALI WABO EGAMENI LENKOSI UJESU
CHRIST AMEM''
okuningi ngikufunde kuwe mama
kwazise kuwe bengiyithole wangdlisa utshani
olubuhlaza
ngathi mangkhula ngangamlalela umngani eqamba
amanga aluhlaza
ngisho nehlazo ngingalazi kepha ngangiyokuhlaza
ngenxa yokuthi ezakho iziyalo ngazilahla
nami mama ngyazbuza
BENGINGAYINI NJE
WENA UNGAPHILA YINI NGAPHANDLE KOWE SIMAME
NEVER

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success