Intandokazi Poem by thobani ntombiziyamfisa thusini

Intandokazi

Intandokazi wena uyintandokazi

Uyingqongqo kweyami inhliziyo ngabe ngikulethelwe ngubani

Kuzofanele ngibonge abaphansi obabomkhulu ngokungilethela wena

Ngibonge umdali ngokukuletha emhlabeni akugcine ukuze ngikubone ngize ngobone nokungale sengisho inhliziyo yakho engiyibone ekusitheleni ukuthi kanjan

Nam anginampendulo kodwa ngibobufakazi obuqanda ikhanda kambe ibuphi ohhe ingani busobala siyathandana ibona obuqanda ikhanda

Ngithathe ntandokazi yam ungithukuse emajukujukwini ekusitheleni kwenhliziyo yakho lapho ozongizwa khona noma uvuka ulala ezinzulwini zobusuku ungizwe silele sobabili uthi lapho uphenduka angikho kanti kwenzakalani ohh engani usemathandweni udlala imicabango nje

Ngisetekisini ngilibangise esilungwini eish kambe nginothandiweyo yami ngiphuthaze umakhalekhukhwini wami ngikuthinte lapho sisakhuluma kumandi nango lowo Mfaz wo mlungu esenqamula ubumnandi oohhe ngikuzwa ngaphakathi Mtanomuntu

Ngizothumela omalume bezocela izihlobo esihle ngani kodwa ngoba anginawo ngisho u sheleni ephaketheni kodwa ngoba ungowami icebo lozakha impela uyintandokazi

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success