Ngizokhala kepha ngeke nizibone
Izinyembezi zami ngoba
Ngizokhalel' emvuleni
Ngeke ngakwazi ukunikhombisa
Ubuhlungu nobunzima engikubo
Ngoba manje sekwasetshenziswa bona
Belu ubunzima esikubo ukuze
Sibhekiseleke phansi kakhulu
Ngizokhumbula lamazwi kakhulu
'ingane engakhali efela embelekweni?
Kepha manje ngizokhala kanjani bengicindezelile...
Nginakho ukuzethemba ngizokwazi ukuzifihla,
KuMdali ngizokwazi ukuzifihla...
Ngizobheka phezulu ngilinde izimvula.
Ukuze ungaboni ukuhlukezeka kwami...
Ngizokhala kepha ngeke nizibone
Izinyembezi zami ngoba
Ngizokhalel' emvuleni
Lapho khona ungeke wabona izinkinga zami,
Engizithwele mihla namalanga, engihamba nazo
Lezo zinyembezi zizokwaziwa isiqameli sami,
Sengingedwa kweyam' ingubo sengizembesile
Ngize ngiphaphame sekusile
Ngivuke ngizithathe ngehla ngenyuka
Ngizama impilo.
Noma sengigula ngibone abezempilo.
Lapho imisebenzi inqabile kepha
Indlala ibhokile
Nokuqhubeka nemfundo kwehlulile
Amathemba eseshabalalile
Ngibe nempilo ebukeka ivundile
Kepha eqinisweni ikusasa lifiphele
Ngizokhala kepha ngeke nizibone
Izinyembezi zami ngoba
Ngizokhalel' emvuleni.
Ukuze ungaboni izinyembezi
Ukuthi ngiyakhala,
Leli kusasa ngiyakha la
Ngyazi ngeke imvula ihambe
Nobunzima bami
Kepha izofihla ukuhlupheka kwami.
Ngoba manje abantu abasathembekile.
Injobo ebithungelwa ebandla ebiba yinhle.
Kepha manje wonke umuntu ubheke inzuzo
Ukuze akulekelele
NabeFundisi bayakhokhelwa ukuze bashumayele...
Manje usuyadlula nje ngendlu yakhiwa...
Badla imbuya ngothi bazokhokha ngani
Ukubamba nje iqhaza sekuwukulindela inzuzo,
Enzuzweni engekho.
Ukuphuma kwezinyembezi kusho ithemba.
Nokunetha kwemvula kusho ithemba.
Ngiyathemba angisoze ngaphelelwa ithemba.
Noma sengibukeka ngingedwa kulomhlaba ngizoqina idolo
Lamaphupho ami ngizowafeza
noma sebengidonsela phansi...
Ngizokhala kepha ngeke nizibone
Izinyembezi zami ngoba
Ngizokhalel' emvuleni.
Nginethemba lokuba ngeke nizibone...
Ngoba nazibona nizozenza
Abangidabukelayo nilokhu nithi Ncoh! ! Ncoh! !
Kepha nibe nihleba nihleka emvakwami
Nibuka isehluleki, senizenza abehluleli...
Nabathakathi sebegiya benconcoza
Ukuthi izinto zabo ziyasebenzi
Kanjani nje uMdali emkhulu ekhona
Kunguye kuphela obona izinyembezi nobuzima bami
Kulempilo esiyiphilayo sesicekelwa phansi,
ngisho abomndeni, kanti sothemba bani?
engathi baqinisile mabethi
'ubothembela etsheni'
Sizophila noma kunjalo, azilime ziyetsheni...
Ningalilahli ithemba, ikakhulukazi entsheni...
Umona usuka esweni bese usiphonsa esiweni...
Ngizokhala kepha ngeke nizibone
Izinyembezi zami ngoba
Ngizokhalel' emvuleni.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem