Kungani singama-Afrika s'zondana sodwa,
Sgwazana, sdubulana, sbulalana sodwa,
Ephalamend' imbala, ingamla y'hobe khoneni lapho malema ozuma phans' naphezulu es'tikini,
Yek' usizi lomntomnyama e-Afrika zonke izizwe zimbukela phansi kway'sholumntwana wakwaphindangene,
Kuvele kwehl' inyembezi kimi mang'cabang' igazi labafowethu elagobhoza ey'nkalweni zasesadlwana belwel' inkululeko kodwa namanj' askhululekile
Kungani
Ngithi kungani thina bant' abasha s'thand' ubumnandi,
s'hamb' amaparty sengath' as'cabangi asiphuz' eyngabandi,
Iz'ngane ez'lahlwayo zigcwele mathafa kwelengabadi iz'ntandan' ez'nabazali,
Izisu z'yakhishwa, ingane z'yabulawa unembeza washonaphi,
Ingane, ogogo, abes'fazane nabok'fika bayahlukunyezwa sibhubhiswa yini isizwe sethu,
Kungani inhliziyo zethu zigcwele amahlule gazi elimnyama el'sabekayo,
Ngithi yobe k'wena nhliziyo ephelelo nembeza kaz' ubuntu bashonaphi umdali k'phela owaziyo,
Kungani
I've Seen My Dreams Ewa Ephahlazeka Eba Yizicucwana Ezingecosheke! !
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Wow, only god knows kungan,,,but it too short