Mama Sesilapha Manje Poem by senzokhaya umhayi

Mama Sesilapha Manje



Ngithi mama mama sesilana manje,
Izikhathi zenhlupheko sezidlulile,
Manje sikwa Mpumelelo,
Sesidlulile kwaNonhlupheko,
Noma izikhukhula zasinetha ngalesa sikhathi
Okuhle ukuthi azidlulanga nathi,
Noma ubaba wasishiya ngaleya minyaka,
Okuhle ukuthi akahambanga nenjabulo yethu,
Noma wangikhulisa kanzima uwedwa udlala uhlupheka,
Kepha ngeke sihlupheke noma sengiphumelele,
Lana uzovuna imiphumela yempumelelo yenzalo yakho
Mama mama sesilana manje,

Phela wena ufana nomlimi owethembekile,
Umhlaba insim' owangitshala kuyo,
Ke wangitshala njengembali ezweni lakulomhlaba,
Wanginisela ngencence ze ngiqine ngibambelele emhlabathini,
Zafika izimvula njengokuhlupheka kwavunguza,
Noma ngaye ngabuna kepha angifadalalanga,
Awufananga ne nyoka awungishiyanga ehlane,
Kepha wahlala nami wangengama wanginisela,
Ngaqala ngavuleka amehlo ngabona ngakhula,

Bafika abangani njengokhula bangigcwala ikhanda,
Bangiduda ngemikhuba yemiduma khanda ngaphenduka umduma khanda kwamina,
Ngaqala ngakuhlupha ngihamba ngomnyama njengo nyezi,
Ngakwe khama izinyembezi ukhala imini nobusuku,
Wangidonsa ngendlebe wathi angiyek' izindlela ezimnyama nabangan bamanga,
Labo bangan' bamanga wabaqhelisa ezindleleni zami,
Wabacenta njengokhula ezinyathukweni zami,
Ngabadlula ngaqhubeka ngahluma amagatsha anempilo,
Ngabhema ngakholwa impilo yezimpilo zomhlaba wangaphandle,

Noma kwangithatha isikhathi ukuba ngithele izithelo,
Noma kwabanzima ukuba ngizithole ukuba ngiwuhlobo luni lwesithelo,
Nesomiso naso sasidlangile ngalezo nsuku,
Zazimnyama emihleni yezinsuku zethu lezo nsuku,
Nezikhukhula zafika zagugula umkhukhu esasifihle kuwo ikhanda,
Nomakhelwane baqala bakubukela phansi,
Saphenduka isiphuzo sokwehlis' insini emphakathini,
Saqala sentshisa imbuya ngothi,
Kukade sasiyiququda eminyakeni,
Manje ngith' sesidlulile eminyakeni,
Sesilapha manje,

Namhlanje ngiphethe ithawula ngithi sula leyo mijuluko nezinyembezi zeminyaka,
Ngithi nanka amanzi afudumele,
Thoba leyo mihuzukuko namanxeba yezinhlupheko zeminyaka,
Ungabe usenza minyakazo manje,
Yakaza izandla zakho nganaw' amanz' acwebileyo,
Uhlale ulindele inzalo yakho
ikuqhiqizel' izithelo zempilo,
Phumuza amathambo ntomb' endala,
Ungabe usaphanta manje sikhukhukazi,
Ichwane lakho selikhulile,
Vul' amehlo ubheke kuseyimina ingane yakho,
Ngimi lapho ezinyathelweni zakho,
Ngiyakukhulula ngithi thatha umhlalaphansi,
Sezadlula leziya zikhathi zosizi,
Vuma ngikwelaphe amanxeba,
Sesilapha manje.

Mama mama sesilapha manje!

By Sєиzσkнαуα Uмнαуi, © 2013, All rights reserved.

COMMENTS OF THE POEM
sthembiso mbatha 13 July 2018

ngiyaqala ukuyifunda lenkondlo namuhlanje ingihlaba umuhlwele

1 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success