Ngezwa Ngamahlebez' Poem by Hlukanisani welcome mngomezulu

Ngezwa Ngamahlebez'

NGEZWA NGAMAHLEBEZ'
Ngezwa ngamahlebez'ukuba kade nikhona.
Ngezwa ngamahlebez' abos'yazi ukuba
Benizinze khona lapha, kepha mina
Kangin'fumananga.
Ngezwa ngamahlebez' ukuba
Benizinze kuzo lezi zivand'
Zomhlabath' obomvana.
Bath'nanizinze ngasogwini lomfula omkhulukaz'

Ngezwa beth' kwahlwa emini kowenu
Umhlaba.
Bath'laduma kabili maqede
Lemuka nenhlese.
Laduma maqede kwezwakala isililo
Sinkeneneza elawin'
Elalilikhulukaz'.
Bath' kwabonakala ngonyaz'
Lunyukela emafini amnyamakaz'.
Ngezwa ngamahlebez'.

Bath' bafika seledlule.
Bath'kwakungundabuzekwayo.
Bath' kwakungalaleki eszukulwanen'
Bath'kwakuhlengezela unyem bez'
Bath' bebegajwe wumunyu
Nenhlungunhlungu.
Bath' yiminjunju yezinhlungu
Eyayizinze ezinhliziywen
Ezibuthakathaka.

Ngezwa ngamahlebez' ukuba
Nanibahle nikhomba ngophakath'
Ngezwa ngamahlebez'ukuba
Nanithi yimi ithemba lenu.
Kepha zange zaphumelela izifiso zenu,
Ngokuba mina ngajubalala.
Nize nixole bazal' nami ngangingalaz'
Ingomuso.
Ngezwa ngamahlebezi ukuba naningithanda
Ngezikhatha.

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success