Ngicel'Ukukubhalel' Incwadi Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Ngicel'Ukukubhalel' Incwadi

Rating: 5.0


Ngicel'ukukubhalel' incwadi
Esizoyifunda nawe kusasa.
Engeke ngiyifak' ikheli.
Engzoyithumel'ifinyelele kuwe nginakayiphothuli
Uyifunde ngezwi lakh' elimtoti njengomzwilili
Kusempondo zankom' entabeni phakath ‘ehlathini
Emuthin' weMbamatsheni.
Ngizwe nam' uthando luba ngolukhethekile,
Kunguw ‘osukhethekile waba ngokhethekile

Ngiyikhiphe yonk' ingcindez' osuyakhile
Kweyam' inhliziy' okuyiyo kanye
Engenza ngibhal' incwadi ngokuba
Sengya kwesaba noma ngingakwazeli muntu
Keph' unesithunzi ngobuhle bakho
Ngingena kwaqandayo ngenxa ye ngebhe.
Bengingazi nakuba kulomhlab' unjena
Basatholakal' abant' abahle njengawe!
Phela wen' uyisimomondiy' ungaqhamuk' eNdiya
Engathi ngilanda kakhulu nje

Ngicel'ukukubhalel' incwadi
Hleze yon' izokusho konke lokh' okungaphakathi kimi
Ngeke ngiwaswel' amagam' okuncoma wena ntokazi
Esho ngothotho lwamazinyo, namanhlonhlo
Ayikhombe ngase Ningizimu kukhona lawo
Mashiy' asho ngobukhul' engath' azoshumayela,
Nezindeb' ezisemlonyanen' omncane
Engathi zisho lokh' okuthandw' inhliziyo yami,
Ngingayikhohlwa kanjan' impumul' engeyekhethelo
Emfom' izithukuthuku kancane.
Ngikubuka nj' angikholwa ngisemhlabeni
Mhlampe ngithathw' amaphuph' amahle
Keph' uban' ozongivusa ngibhekile?

Ngicel'ukukubhalel' incwadi
Ngoba ngyabona ngek' ubenas' isikhathi
Sokungilalela namalimi ngithusw' ilobuhle bakho
Ngingekwazi ngish' ukukubekela ngesimo sami
Kuhle lenhliziyo ngiyishicilel' ephepheni
Elimhophe kuz' uyibone kahle, kakad' ibomvu kebhu
Ngeke ngibe naleso sibindi sokuma phambi kwakho
Ngibal' amagama kuhle kwentomb' izoqoma,
Ngenxa yengebh' edlalis' amadol' uma ngikupha
Lezinhlavana zami zamehlo.
Ngyaz' awukalaz' udaba lam' ingakho nje
Ngicel'ukukubhalel' incwadi

Ngempilo cha! angiphilile,
Ngiqal' ukugula mhlazane ngikubona
Usuka phambi kwamehlo ami.
Hawu! uxolo ngizikhohlisa ngokuba sengiloba yona belu
Incwadi, kungenzeka sengilahlekelwe nayinqondo
Kulesifo nguwe kuphel' ikhambi
Kulokoma kwami nguwu kuphel' umthombo
Wamanz' amtoti.
Kuloku kukhathala nokukhathazeka nguwe kuphel' umthunzi,
Wokuphumul' emva kwendlel' ende ngibhek' umaqondana,
Nolungelw' ilenhliziyo yami.
Kulothand' enginalo nguwe kuphel' othandiweyo
Kepha Ngicel'ukukubhalel' incwadi


COMMENTS OF THE POEM
Africa My Roots 31 October 2012

kumele good poem love thats truth and feeling asuka ngaphathi.. inge qome inani intombi

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success