Ngivumele Poem by thobani ntombiziyamfisa thusini

Ngivumele



Ngivumele Ntokazi Ngingene Ngijule enhliziyweni yakho
Ngikukhombise Uthando nentokomalo
Enginayo

Ngivumele Ntokazi Ngikunike Umcebo Ongandele bani Ongatholakali Kulabo ababusayo Kodwa nakulaba abadla imbuyangothi Kulapho Oxhaphakele Khona

Abantu abazi Ngoba sebagijimisa Amagolide ubani Ongayeka U Motsepe

Angigabe Ngasiliva Ngagolide Kodwa
Ngigabe Ngothando Olumsulwa Olungenakhohliso Namagqubu. Bengizazi Ukuthi Ngilisoka Elinesisoka engiqomise ngaso amaningi amatshitshi Kodwa lapha kuwe Kuvele kushwabane Ulimi
Ngigeje Into engapheli ngithuke sengikuthembisa Umcebo ekubeni Ngingenalutho

Ngivumele Ngingene ngizinze enhliziweni yakho
Ngivele ngizithuke sengiphenduka imbongi ngikuhaye Phela wena Uyingqongqo kweyami inhliziyo Uyimbali enuka amakha Amnandi uma ngingayitshala kwawako Thusini amabala impela umuzi kababa ungaqhakaza ubusika nehlobo

Ngivumele ngingene ngizinze enhliziweni yakho
Ngivalele ekhosombeni ungigwebe isigwebo sangunaphakade engani nesika Baba Umandela Sika 27 years Sincane noDilikajele Ka Mtshengiseni nawo Awukho Ngizibona ngifanelwe esentambo Lapha kuwena

Ngivumele ngingene ngizinze enhliziweni yakho
Ngibophe ngamaketango Othando Nkosazana Ngishutheke Ngopotsho Ngoba uma ungingenisa Kubona noma ubani Bayokhalaza abanye .

Ngivumele Ngingene ngizinze enhliziweni yakho
Kambe Ngingenze njani Ukunqamula amaketango enhliziyo Yakho ngoba Nezinombolo eziyimfihlo uyenqaba nazo sengisho i Secret Code sengyozama i It izongisiza Ingigqekezele Ukuze Ngifeze iphupho nesifiso sami Sokuba umnakekeli Nonogada Ongalali ubusuku Nemini ozogada Inhliziyo yakho..

Ngivumele ngingene ngizinze enhliziweni yakho...

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success