Ngizokulinda Ubuye Poem by senzokhaya umhayi

Ngizokulinda Ubuye



Ngizokulinda ubuye

Ngifona ngisemafonini ezitolo lapha engangivame ukukufonela khona uma ngisuka eskoleni,
Ngifona ngeshumi lami lokugcina,
Benginethemba lokuthi uzotholakala,
Kepha ngenxa yezizathu zomhlaba awukho emoyeni,
Phela kimi awukasuki emqondweni,
Nasemazweni lapha okhona ngiyethemba awukhohliwe imina,
Sekuhambe izinsuku ngingakuboni,
Kuphele iminyaka manje ungaveli,
Kepha ngizokulinda ubuye,

Ngimile ngedwa ekhoneni lapha esasibloma khona,
Ngiphethe lesiya sithombe esasisishuthe khona,
Ngiyabona sasibahle lapha sifanelene,
Nawe wawumomotheka kuze kwavela nezifaca,
Azange ngacabange ukuth ngelinye ilanga ngizoke ngime ngedwa lapha,

Impilo ikuthathe eduze kwami yayokubeka ekudeni,
Imfundo ikususe phambi kwamehlo ami yayokubeka le edolobheni,
Ukude manje usemazweni angikwazi ukufika lapho,
Usekugudleni kolwandle manje ugezwa amagagazi,
Mina ngisele sengiphenduke ujika nelanga,
Uhambile ukude nami,
Ngizokulinda uze ubuye,

Noma ngabe uzobuya eminyakeni eyishumi ezayo,
Uze ufike ungibone,
Uma kwenzeka usufica sengaba mathambo amhlophe,
Uze ufike ucele ekhaya bekuphosise itshe,
Ngizokulinda ngifile nomphefumulo ngaphandle kweliba lami,
Ngizokulinda ngiphila nezinyembezi emehlweni ami,
Uzoze ubuyo uzongikhulula emihleni yami,
Ngikulinda uze ubuye,

Ngisho ngabe usemajukujukwini omhlaba,
Usuhambe izwe wabona izicukuthwane zomhlaba,
Wabona ubuhle bezwe okungaphezulu kothando lwami,
Mina ngiyofana netshe ngizohlala lapha owangishiya khona,
Uzoze ubuye ngiguqile ngedolo,
Ngizokulinda uze ubuye ekhaya.

USenzokhaya Umhayi

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM

Wow ndizithandela the last 3 stanza kule poem yakho Mfo Senzokhaya nto kaMhayi

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success