Umaqondana Poem by thobani ntombiziyamfisa thusini

Umaqondana



Umaqondana wam umuntu oseduze nenhliziyo yam Phela wena ngakukhetha kweziningi izintokazi ezinhle ezigabe ngakho konke Okudingekayo kumuntu wesfazane ukuze abe ngumuntu wesfazane opheleleyo Kodwa wena Ungumaqondana wam i straight sami

Ungumaqondana wam ubambolwami
Phela wena ngikuhlwithe kweziningi izinsizwa ngazishiya zimile Emfuleni zingibuka ngishaya isishwapha sam ngicuphe isisoka ngiyosithela engani phela usunginikile ucu okuyiyonanto ebengiyidinga eyisibambiso esibambekayo sothandolwethu

Ungumaqondana wam i straight sami
Bengivuka ekuseni ngovivi ngilibangule izwe elingaka ngeqa imifula nemifudlana ngiqombola amagquma namagquma kazi ngenxa yothando lwakho kodwa ekugcineni ngiwutholile umvuzo omuhle wokuzuza uthando nesikhundla esifana nethempelo lapho kuhlala khona abangcwele khona nami ngizongena kulenhliziyo ngizifihle

Ungumaqondana wam istraight sami
Ngifisa ukuzuza indawo engunaphakade enhliziweni yakho ungibophe ngamaketango othando ungivalele uthathe izikhiye uzintshinge kude enganiphela akasekho oyophinde avule angithi ngfuna ukuhlala ngingowakho ungikhuthuse ngihlale nginethezeke ngikhombe ngophakathi ngibuse kweyakho inhliziyo

Ungumaqondana wam i straight sami
Phela wena umuhle impela angimboni oyoba muhle afane nawe okanye andlule wena ngisho u miss south africa wodumo akaliboni elidlalayo lapha kuwe Ngisho No Katlego Danke akaliboni elidlalayo ushaya Ngowakho Umzimba omuhle ngaphandle nangaphakathi ushaya ngobuhle bendalo obungenasidina obubuka uzinike isikhathi

Umaqondana wam i straight sam ingani uma ngihamba nawe ngiqhamuka ngishaya kancane uzwa amakhwele ko stotsi uzwe izinsizwa zisho o dudlu abangapheli besho kanyekanye bethi oseyidlile udle icala
Mina ngibengazi ukuthi ngalidla ngalihlawula icala sengimsulwa ngakoke ungowam manje kukhala esam isichathulo kweyakho inhliziyo uvuka ulala ngikhona wena Ungumaqondana i straight sami

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success