Umuhle Ngampela Yazi Poem by THOKOZANI MAGAGULA

Umuhle Ngampela Yazi



Umuhle ngampela yazi
bengithi ngithatha amashansi
kodwa manje ngiyabona ngikuphiwe ngabaphansi
omagagula bafuna umfazi
ngikushele sengvele ngazi
ngiyibhale izolo kwavela kwehle izinyembezi
njengomfula wasewembezi,
phela sengafa ngibulawa usizi
ukujula kwenhliziyo yami akusasizi

umuhle ngampela yazi
umuhle ngampela yazi,
ungenza ngikhale ngingashayiwe
ungenza ngitshele abantu ukuthi ngithanda nawe ngingabuziwe
phelisa uyangkhalisa,
umuhle ngampela yazi

COMMENTS OF THE POEM
Lungelo S Mbuyazi 12 June 2018

Oh! Love in the air.., nice write Thokozani...

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success