Umvuzo Poem by thobani ntombiziyamfisa thusini

Umvuzo



ngiwutholile Umvuzo Yize ungamukeleki futhi ungemuhle kodwa ngiwutholile umvuzo

Bekumnandi lapho sihamba senza imikhuba engemihle sikuthakasela ukubona izinyembezi zabanye abantu kodwa namhlanje kunami ngingedwa kuleli gumbi bayaphuma
Bayangena Bayababaza kanti ngabe Sengiyalifulathela yini leli lase mhlabeni

Okube ngangazi ngangiyolalela abazani bam bebengikhathalela bengihlinzekela ngezinsiza engizidingayo zokubhekana nempilo kodwa ukushomana nabangani ngazibona ngihlakaniphe okwendlula bona ngakhohlwa kambe yibo abafika kuqala kulomhlaba

Ngiyenzile i flop namhlanje ngiwutholile umvuzo
Yimi lona osenje yimi lona oselenga izinxakanxaka zemishini sekubonwa ngokusa Uma ngike ngakhwehlela onesi bangingunga bengaqedi

Ngiwutholile umvuzo namhlanje Ngilele kuleligumbi kuvele kufike imicabango usizi umunyu intukuthelo Phoke Ubani engyombeka icala ngoba ngazenza Yebo Phela uzenzile akakhalelwa



Ngiwutholile umvuzo namhlanje ngyawazi umhlaba uyashayana futhu umhlaba uyahlaba ngiwutholile umvuzo namhlanje ngilele kuleligumbi

Banyamalele abangani besihamba sonke Kusemnandi ngingedwa kuleligumbi ngiwutholile umvuzo


Ngizibonele ngawami Umhlaba uyahlaba ngabudla ubusha bami Manje sebungijikele Budla Mina abasekho bonke ebesibudla nabo Ngingedwa kuleli gumbi Ngiwutholile Umvuzo

COMMENTS OF THE POEM

thnks A lot yes It is a African language is ISizulu...... South african.... I wi try to Transilate it to Eanglish

0 0 Reply
Leslie Philibert 15 August 2012

I don`t understand this language, but it looks great! Is it an African language?

1 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success