[zulu, Inkondlo] Masiqhubeke Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Masiqhubeke

Rating: 5.0

Ngisho noma ulwandle lubuye lungazi
Ukuthi kumele lugcine kuphi
Lapho izivunguvungu sezixakile
Kodwa kuse yi ntokozo khona
Ukubukela impilo
Ngoba impilo iyaqhubeka
Ngakho ke masiqhubeke sithandane
Noma ubunzima bungabakhona
Izinsuku zilandelana
Kodwa, awubheke nje
ukuqhakaza kwezinkanyezi
Okwenza um’nyama into yo buhle
Asithandaneni size si ndize
Nje nge zinyoni emoyeni
Ngamhla lishisa, ngamhla linetha
Wena nami sihaya ingoma
Sigida ngenxa yethuba
Loku thandana isigidi-
Masiqhubeke sithandaneni

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success