LLM Mbatha

LLM Mbatha Poems

Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Incwadi yothando yesiZulu
Esho ngemibalabala na ngamabalabala
Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango
...

ekuseni bewu finqekile
okwesibhakela saMandla
manje sewuvuleke uthe nge
okwenhliziyo yentomb' ithand' isoka
...

I-Tafula angeke liphinde lihlangane ne Fuji
Asibe nje ngemifula, s'thandwa
Imifulakazi, hhayi izintaba
Ohanjeni lwayo loku yo busisa ilizwekazi
...

Olwami uthando olwamahhala
Lukhululekile, luyakukhulula
Ukuthi ube yikho lokho
Ofisa ukuba yikho
...

Ngingu mfokazi nje
Wase dolojaneni elincinane
Elisele emuva
Lapho uthando lusewu thando
...

There is a man that's so hollow
Nothing fills him up
Though he keeps on going on
His thirst is always rife
...

All Wisdom comes from God
I have God on my side;
That makes me a very Wise Man-
...

khala zome nhliziyo yami
usuyangala 'thululu' wami

Awu, angazi
...

Ngisahamba kuwo ohlabayo umhlabathi
Ngisawahlafuna wona anhlamvana amabele
Ithemba lami lihleli kuwe M’Veli-Nqangi
Ngoba wena uyiLanga lama langa ami
...

Kwacishizibani, kwahlwemini!
Zatheleka ezakwaZulu zingangotshani
Habo! Kwachitheka gula-linamasi!
Kwash’ izikhotha
...

Bekezela Sibusiso, kuba m'nyama lapho sekuzokusa
Uze ungalilahli elakho ithemba
Beka konke kuM’Dali wakho yena okuqinisayo
Akumise ngazo zombili
...

Ngihambile isikhath’ eside
Ngakushiya sithandwa sami
Ngangingazi kuyoba nzima
Ukuhlala ngentombi ulinde
...

There is a certain
CALMNESS
About
The Zulu girl
...

mhla lengubo igugile
ngiyo ndizela phezulu
ngize ngi zilahlele
ezingalweni zika Jehova
...

there’s a bright patch of green
on the Table’s lap
but I cannot see the sun
from where I sit
...

iyona kanye inkumbulo yoku mamatheka kwakho
nayo lemicabango yo-kuthi siyobonana futhi
eyenza usuku lwami luvele luphelele
ngisho noma imvula ingishaya kuzwele
...

Akusikhona okwethu mngani wami
Umzuzu nomzuzu siweboleka kuThixo
Konke esiyikho kungokwakhe, kusezandleni
Zakhe ukuthi sisayobuye sibonane yini
...

Language carries in it the history of a people
The history that begins way before
The conception of that particular language
Every myth, idiom, or story told carries
...

When this Cloth gets too old
I shall take this Flight
Into the Arms of JAH, and
He will forget the Sin
...

Ngifisa sengathi bengingakwazi
Ukwakha ubukhosi
Ubukhosi obunesithunzi kanye nomnotho
Ngama gama nje qha
...

The Best Poem Of LLM Mbatha

*incwadi Yothando Yesizulu (A Zulu Love Letter)

Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Incwadi yothando yesiZulu
Esho ngemibalabala na ngamabalabala
Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango
Idayimane, ngelo thando lweqiniso
Omhlophe, ngowenhliziyo engenasici
Indilinga, ngoba olwethu kalunasiphetho
Oluhlaza-sasibhakabhaka, ngoba wena ucabanga ngami
Unxantathu, ngoba amazulu aphezulu
Kanjalo nomhlaba nolwandle ngaphansi bayazi
Onsundu, ngoba kuyitshe kunothile futhi okwemvelo
Njengomhlabathi ongaphansi kwezinyawo zami
Noma ungawu shiya umbala ophuzi
Kungani kumele ungithande ngenhliziyo enesikhwele! ?

Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Engiyoyigaxa emqaleni
Ukuze zonke izimbali zase maqeleni
Ziyohawuka lapho zingibheka
Ngenxa yayo yonke lemibala egqamile
Incwadi yothando yesiZulu
Ngobuhlalu bothingo-lwenkosazana
Ubuhlalu base mazweni aqhelileyo
Minake sengiyoba nentokozo emangalisayo
Lapho ngiphendu-phendula ulimi lwakho
Kancane-kancane, futhi ngesikhulu isineke
Ukuze ugcine usukwazi kahle hle
Ukubingelela abazali bami
Ngendlela eyiyona-yona, ngolimi lwesiZulu

LLM Mbatha Comments

jacob 09 December 2018

Add a comment good grammar

3 0 Reply
Samkelo Dlamini 04 August 2015

nice poems really inspiring work of art thank you!

6 1 Reply
Thokozani Magagula 17 April 2014

KwaNongoma ngiyayothanda kakhulu, ngikhule ngifunda izinkodlo zakho

7 3 Reply
Vincent Masango 09 October 2012

Ii am inspired! ! ! ! your work is marvelous and you're a great peot keep it up

4 4 Reply
gone gone 08 March 2007

Lungelo Mbatha's poetry is beautifully written...strong, musical...full of love, faith, longing and intelligent compassion......a pleasure to read.....

14 2 Reply

LLM Mbatha Popularity

LLM Mbatha Popularity

Close
Error Success