cebisile zungu

cebisile zungu Poems

Ngiwela amagquma nemi mango ngifuna wena
Wena themba lami lokugcina
Angisa mdingi omunye ngaphandle kwakho
Uyimbali yami ebomvu echichima uthando
...

The Best Poem Of cebisile zungu

Sofa Silahlane Wami

Ngiwela amagquma nemi mango ngifuna wena
Wena themba lami lokugcina
Angisa mdingi omunye ngaphandle kwakho
Uyimbali yami ebomvu echichima uthando
Uyilanga lami engikhanyisa ngalo
Hawu ngaze nganothando nawe

Bathi alibono kodwa olwami nawe lunamehlo
Angilali ebusuku ngoba ngibuka wena
Kazi isiphi isiwasho owangifaka sona
Ngilala emnyango ngoba ngibheke wena
Isichotho nesithwathwa siphelela kimi
Ngenxa yothando enginalo ngawe

Ngiyoxoxela amagwababa echobana
Ngothando lwami nawe
Igama lakho hlezi liso limini nase ndebeni zami
Amabhungu ashaya amakhwele efuna mina
Mina ngifuna wena
Uyizulu lami lokuqala nelokungcina
Uwuthungo lwami lwenkosazana
Lishaya ngemibala emihle ekhombisa uthando

Wena sofa silahlane ngothando lwethu
Sohlukaniswa ukufa
Mina nawe sophinde sibonane ezulwini
Uthando lwethu alufani nolwa banye
Simakade uthando lwami nawe lohleze lukhona manje naphakade
Uyintando yami yase mhlabeni nase zulwini
Mina noJehova sofa silahlane

cebisile zungu Comments

cebisile zungu Popularity

cebisile zungu Popularity

Close
Error Success