Dear Ex Yam' Poem by Lindokuhle Dawordplaymind Nkosi

Dear Ex Yam'



Dear Ex Yam'
Bowuthi sonke leskhathi ngeke ngikhohlwe ngawe
Uthi ngeke ngikhohlwe ngakho konke okuphathelene nawe
Engani bowuthi nguwe
Nguwe wedwa inhliziyo yam' ezomthanda
Kanti chabo ushaye phansi, izoqala ngawe ukuzonda
Angithi bowujabula mangizithoba kuwe ngithi ngiyaxolisa
Ngiwavuma amaphuth' ami, uthi ngiyakukhohlisa
Ungafuni kuzwa lutho, uthi wena uyandlulisa
Nothando lwam' sowanele ngalo
Angiyolinika abanye, ungibona islima uma ngikufonela njalo
Usukwazi nokungipiklela mangicela uxolo
Uthi wena usuthole abangcono,
Futhi abangeke bakubangele iscefe
Uthi wena usuyawulahla lomqhele
Uzitshela ukuthi inhliziyo yam incike kuwe
Mawudeda ngeke ngakwazi ukuqhubekela phambili
Kanti awubazanga elangeni, nakhu impilo yam' isinamasondo iyaphambili


Dear Ex Yam'
Bowungazi ukuthi ngizothola amandla amasha
Futhi nonkulunkulu angibusise ngothando olusha
Ngiphinde ngithokozele ukuthandwa umuntu omdibi munye nomuzwa engiwuzwayo
Futhi ozonginika lothando engilifunayo
Ngifuna ukwazisa ukuthi noma wayiphula inhliziyo yam'
Kepha azange ubenamandla okuphula obumina bam'
Phela sengiyakwazi ukuhlukanisa phakathi kothando nomacashelane
Sengiyazi uma umuntu efuna sidlalisane, okanye sithandane
Yazi, bengithi ngeke ngisathanda futhi
Ngithi omunye uzongilethela ubumnyu futhi
Kanti ngidlala ukungazi
Ukuthi nje nokuthanda umuntu ofana nawe kuyingozi
Ngoba kuk'sitha ukuthi ungalazi iqiniso
Kepha namhlanje sengikudelile ngelam' iso
Wena awuqedanga kulunga
Abafana nawe abahlukile nabaPhrofethi bamanga
Umuntu afike akuthembise izulu nomhlaba
Kanti nje yena uyazi uzidlalela ngamagama.

Dear Ex Yam'
Wathi angisophinde ngimthole oyofana nawe
Wawuqinisile ngoba sengimtholile ongcono kunawe
Engani yena akang'funzi amanga njengawe
Uyangihlonipha, futhi anginike indawo njengomkhwenyane wakhe
Akang'qulisi amacala kuze kuse
Futhi akalokhu engibuza imibuzo engapheli, ebangelana iscefe njengawe
Yazi, wangisiza ngokuthi ngizifune ngizithole ubumina
Ngazi ukuthi ngifunani, amehlo am' ngiwabhekise lapho uthando lukhona
Nenhliziyo yam' ibeke ithemba othandweni elinekusasa
Ngibonga ukungivula amehlo
Ngibonga ukuthi ungifundise ubuhlungu bothando
Ungiziswe isizungu
Ekubeni nginomuntu engimthandayo
Ngoba ukube angibazi lobuhlungu,
Bengeke ngikwazi ukubuhlukanisa nalentokomalo engizwayo
Namhlanje sengikhulile, ngibonile
Abafana nawe bayisiqalekiso esenza umuntu agcine alingekile
Uhlale wazi ukuthi langikhona ngijabulile.



#PoetryIsLife
#BecauseWeLovePoetry

Thursday, February 9, 2017
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success