Inkondlo Ekhohlakele Poem by Lindokuhle Dawordplaymind Nkosi

Inkondlo Ekhohlakele

Le inkondlo ekhohlakele!
Ephuma kusonkondlo owonakele!
Engani ngiphila kulomagade okhohlakele,
Owonakele!
Onezinto eziningi ezonakele!
Nam' ngokwam' engeke ngakwazi ukuzinqanda,
Bese kubakhona usomabala
Abahlezi bebek' amabala
Abacabanga ukuthi bangayiphila lempilo engiyiphilayo
Abacabanga ukuthi bangawulawula lomuzwa engiwuzwayo
Kanti nami ngokwami angiyazi ngisho eyalomhlaba imfihlakalo
Engikwaziyo, ukuthi awukho umphemufulo ofa ungenacala
Sonk' izandla zethu zibheceke ngobubende bamacala
Amayengandod' angabahlulela abakhuthuzi
Kanti futhi nabadlwenguli bangabahlulela ababulali
Kepha bonke bayizoni ngokuhlukahlukene
Njengoba nathi sonke siyizoni ngokuhlukile
Nam' ngokwami ngiyisihogo ngihamba, ngonakele!
Ngiphal' emhlabeni okhohlakele,
Angazi kwenzakalani ngawo
Nawe, nawe ungcolile zibheke izinyawo..
Kanti kwenzakalani vele mina angazi
Mhlawumbe wena uyazi?
Kodwa engikwaziyo ukuthi asikho isibeletho esakhipha usana olonakele.

Ngibheke, ungibhekisise!
Ngithe ngonakele!
Futhi ngikhohlakele!
Ngimdala kuneminyaka yam'
Izint' engizenzayo azifani nam'
Namantombazan' azibonela isaguga sensizwa, aze enze ihlay' nasebanganeni bam'
Ukuthi sengangxila kakhul' ezigxoxweni zabantu abadala
Nesolam' selabuka kakhulu abadala
Igazi lam' liyashiselwa mangibona abesimame abadala
Ngisho lab' esebazi lukhulu, esebenambithe ahlukahlukene
Nenhliziyo yam' seyathanda ngokuhalela!
Nengqondo yam' seyacabanga ngokuhalela!
Angithi ngithe ngonakele! ! !
Futhi ngikhohlakele! ! !
Ngithanda abesifazane abatshengisa ubuze babo
Ingqondo yam' ihlezi iphambili njalo
Nginuka phu ukonakala
Angazi kwenzakalani ngam'
Ngoba phela ngazalwa ngimsulwa,
Ngasengiqala ukwazi okuhle ebubini
Nobubi ebuhleni
Ingabe yilapho engaqala khona ukonakala?
Oh nalomhlaba uginqika ngokushesha!
Cabanga nje...
Izolo lokhu bengiyinsizwa nsi ephelele!
Nginenhliziyo enobubele
Kepha manje konke sekuyinto endlulile.

Iso lam' kade kwasa libabona abanqunulile
Abanemikhaba, nabangondlekile
Kade kwasa ngibunambitha nokushisa kwabo okuyenganayo
Ngisina ngizibethela kwababi nababukekayo
Yingakho nje manje sengilawulwa ukuhalela
Oh nalomhlaba uginqika ngokushesha!
Cabanga nje...
Izolo lokhu bengiyinsizwa nsi ephelele!
Nginenhliziyo enobubele
Kepha manje sengonakele!
Ngikhohlakele!
Cha isihogo naso asingifanele!
Engani bathi nezulu lingenwa abangcwele
Mina ke ngonakele!
Ngizoba nelam' izulu labakhohlakele
Unkulunkulu noSathane ngeke bangimele
Ngikhohlakele!
Futhi ngonakele, angithi uyangizwa?
Abazalwane bazodideka
Ngoba kuzomele bakhethe phakathi kukaNkulunkulu, noSathane nam' phezulu
Ze balibon' izulu
Nam' kungekudala ngizobe sengibhala ilam' ibhayibheli labakhohlakele
Engani ngonakele!
Futhi ngikhohlakele!
Uyangizwa?
Cha ngeke vele sizwane ngoba lenkondlo ikhohlakele
Futhi ibhalwe usonkondlo owonakele.



#PoetryIsLife
#BecauseWeLovePoetry

Thursday, February 9, 2017
Topic(s) of this poem: corruption
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success