Indoni Yamanzi Poem by THOKOZANI MAGAGULA

Indoni Yamanzi

Ngihlangane nentokazi enhle namhlanje,
Ibala layo aligqamile,
Linesizotha,
Usuka sambe wentokazi,
Indoni yamanzi,
Ubuhle bayo ngathi ayigezi ngamanzi,
Igeza ngobisi,
Bayazala abanye omama,
Angiyidingi instagram handle yakhe,
Isithombe sakhe sasahlale emgqondweni,
Angisalikhumbuli igama layo,
Ngiyibiza ngo Vusikhaya,
Iyona izovusa ikhaya likababa,
Angisho ngoba iyinhle ibaba!
Kodwa isimilo sayo sihle,
Ishaya ngephimbo elihle,
ishaya ngezindebe ezinhle,
Ishaya ngamashiya amahle.

Ngiyazi uthando lunjani
Ngibathandile
Bangithandile
Bangidlalile
Ngibadlalile
Kodwa lona iphakade lami

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success