Bonke bayizinja
Ngikuzwile usho njalo
Uthe abafana bayefana
Phela bangabafana
Kodwa angeke ungifanise nabanye abafana
Angisho ukuthi angiseye umfana
Ukuphule inhliziyo
Nginikeze ucu ngikukhandele enye inhliziyo
Ngine sikhathi sonke uzosho wena uma seyanele, phela nguwe owaziyo
Ukwenza ukhale?
Nginesikhathi sonke ngizokusula, ngikuphe uthando angeke usakhala
Akakunakile?
Nginikeze ucu ngivale lesosikhala
Ukwenza umakhwapheni?
Nginikeze ucu ngizokukhipha ekhwapheni
Ngihambe nawe ezindawen
Inhliziyo yami ayanele ukukubona ungenjabule
Phela intokazi efana nawe ifanelwe
iqwaba yenjabulo
Nginikeze nje ucu ngikunikeze injabulo
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Just give me a chance Uthe abafana bayafana Ingabe bayafa na? Nice lines in there.... Phela intokazi efana nawe ifanelwe Inqwaba yenjabulo....