Mhla Sibonana Futhi Poem by Nelisiwe Mqadi

Mhla Sibonana Futhi

Rating: 5.0

Miningi le minyaka uhambile
Side le sikhathi ngiphila ngaphandle kwakho
Kusanzima ukukholwa uktuhi ngempela ungishiyile

Aw' kodwa mtaka MaHadebe
MaZuke wami, mah wami ngedwa
Njalo uma ngicabanga ngawe kudikiza udebe
Umphimbo ube buhlungu, ngikhihle esikaNandi
Ngiyazama ukuziqinisa kodwa awungivumeli lo mzwangedwa

Abazali bakho bakuqamba uS'thembile
ngoba benethemba ukuthi uzophila isikhathi eside
Ngiyazi lapho ukhona usuphumulile
Ubunzima balo mhlaba abusobuye buphinde bukusinde
Kodwa kimi kunzima ukwamukela osekwenzekile
Ngiyaye ngizibuze ukuthi 'kanti uphi owami umama? '
Lutho impendulo, kucweba amehlo, zigobhoze izinyembezi

Ngilangazelela ilanga lethu lokubonana futhi
Mhla wongibamba ingunaphakade, ungasoze ungishiye futhi
Ngalelo langa inhliziyo yami iyobe igubhazela injabulo
Ngalelo langa umphefumulo wami uzobe ugcwele intokozo

Thursday, March 17, 2016
Topic(s) of this poem: sad
COMMENTS OF THE POEM
Ernest Makuakua 17 March 2016

Beautiful and emotional poem IBUHLUNGU IMNANDI FUTHI LE NKONDLO U QHUBEKE UBHALE

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success