Ngabe Ngiyazibongelela
Umoya wami uphansi, futhi udangele.
Omakhelwane bayangihleka, izitha zijabule.
Umndeni ungilahlele izandla, abangani bangijikele.
Abazali bami bangishiyile emhlabeni.
Angisaqondi ukuthi liyaphuma noma liyashona,
Kusehlobo noma kusebusika,
Kuyiwa eMpumalanga noma eNtshonalanga,
Akekho ongitshela indlela nongibonisayo.
Ngingedwa anginamholi nambonisi,
Amaphupho ayashabalala, nethemba liyalahleka.
Angisakhoni nokulala ngihlale ngicabanga.
Angisazazi nokuthi ngingubani, futhi ngifunani.
Uma ngivela akekho ongijabulelayo,
Bangicindezelela phansi ukuba ngingaphumeleli.
Ngihlale ngicolisa noma ngingonanga.
Akekho engizokhuluma naye angibonise indlela nangempilo.
Akekho ongikhathalelayo nongithandayo.
Akekho onethemba ngami nongithembayo.
Akekho ofuna ukuba nami angikhulumise.
Ngabe ngiyazibongelela, ukuthi umoya wami uphansi, futhi udangele.
by Paiva Nkosinathi
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem