Qoma Ntombi Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Qoma Ntombi



Usenokuzenzela
Usenokfika nje nase maphuphweni
Uthando lwakhe nginalo liyachitheka
Ngakhoke ngyacela ungenze uZakes ebantwini
Angazi unyathela ngani uyashelela ndoni yamanzi
buhle bemvelo
Iskhathi esningi senginokbhala ngawe
Ngithi mangkhombisa abafwethu bathi ukhulile
futhike
Awungfanele neze ufanele bona bengipihela
Impela izala abantu ziye bantwini
Nami ngenze phela uZakes ebantwini

Iskhathi esningi mangkubuka ngike ngmoyizele
ngedwa
Ngfise ukukuqabula
Ngkuqabulele ujuthi umuhle ngalendlela engchazayo
Ngbuye ngfune ukuyozbophisa
Phela icala ukukuthanda ungazi
Ngithini ngoba abantu abaningi sebeshilo bathi
ngeke nglunge
Ngubani nje mina ongaba nonobuhle wezimanga
Nginamanga
Kahle ngyaphupha
Lifezeke iphupho lami
Ngenze uzakes ebantwini
Ublack coffee unesandla esisodwa
Asibe i The soil ke sbambisane

Anguwthand neze umculo kodwa ukulalela elakho
iphimbo ngeke ngilidele
Nanokwenza lokhu angikphiwe kodwa ngthe angsike
eljikayo ngangasaybona eyokjika indlela angsale
sengqonda
Mtanomuntu ngyakthanda
Impilo iyimpilo ngezfiso
Ngingumfanyana nje ongambuka njenge Juniya
kdwa lihle iqiniso
Sebengakhuluma
Umoya wami kade wawuthatha sthakathi

Sunday, May 20, 2018
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success