Mphathi Thobumoya Mbhele

Mphathi Thobumoya Mbhele Poems

Lezi iziyalo zakho ndodana engsamhlela
Ngiloba lenkondlo ngfikelwa izinyembezi sengfisa nokuzdedela
Ngike ngikbuke ngamehlo enhliziyo usukhulile usuwunjiniyela
Mina owami ubaba ngathi ngizalwa wazbonela iciko
...

Yaz kade ngagcina ukwenza lokhu
Phela kakade ngakugcina
Ekhosombeni ngakugcina
Thembisa ukuthi amazwi ami uzowagcina
...

Yaz kade ngagcina ukwenza lokhu
Phela kakade ngakugcina
Ekhosombeni ngakugcina
Thembisa ukuthi amazwi ami uzowagcina
...

Uma ngingedwa inhlizyo igcwala usizi
Unembeza ucwile esizibeni sezinyembezi
Amehlo azdedele zigobhoze kuhle ko Mkhomazi
Lapho ngimcabanga ngingagqizi
...

Bengakaze ngkutshele
Bengakaze ngkuxoxele
Ukuthi empilweni kuningi okushintshile
Sela lemicabango inqondo uyithathile
...

Ziyeke zicule izinyoni
Zibabaze ubuhle bakho izinsizwa maShozi
Izintaba zikufulathele nginhloso yokuba ngingakboni
Likhale sekusile iwashi
...

Yangvusa ekseni ngo vivi inkondlo inglwisa ithi
Mbongi uthuleleni
Lafa labhubhia nje izwe uthuleleni
Sengaze siyosha esihogweni isalakutshelwa ukhona
...

Ungbambe isandla wangbuka emehlweni
Wathi ngthembise ingane zami uyozphatha kahle
nase bunzimeni
Dali uqondeni?
...

Ythathe mtanami lemali angsydingi
Wingane kabani wena engcole kanjena?
Sengkukhulise kangaka kanti ngkukhulisela
ukungenza ihlaya
...

Uthe Mbhali wami obhala kahle knabobonke
ababhali
Sacela ungdlulisele uthando lwami kulo wakwami
Uthando lwakho selangphendula umtomdala
...

Umkhonzo wami ngathi ungakfica usaphila
Ngiloba lombhalo ngsemathafeni ngbuka ubuhle
bakho ngamehlo enqondo
Ngimoyizela ngedwa kuleli gquma lothando
...

Angisazenzi sengenziwa uthando
Olwangthumela ezizweni ukuba ngbuye ngthwele
induku enhle ngsola engathi ngtheze olunenkume
Kwakukuhle kukikizwa namuhla ubaba ukhala
...

Usho ngthe
Khwezi lokusa eligqame njengelanga
Matshe amhlophe ngathi bekunyathela unyazi
Buhle bokqala kamhlaba umuhle okudlula imfene
...

Umanimbona nimtshele ngsamthanda
Yebo kona ngamdlala
Ngamphendula idimoni umoya wakhe ngawona
Kodwa khona into engasoze yashintsha
...

Usenokuzenzela
Usenokfika nje nase maphuphweni
Uthando lwakhe nginalo liyachitheka
Ngakhoke ngyacela ungenze uZakes ebantwini
...

Inhliziyo yothando
Inhliziyo enokbekezela
Umhleli ehlukunyezwa ngoba bechukuluza unembeza
Umanxeba nxeba ngofela ethembeni
...

Umshado omuhle zithandani
Nina maphika nkani enathi nofeka othandweni
Sandla esafunga sathi ngzomthanda kuze kufike
emshadweni
...

Ukufa kungenze ihlaya mafungwase ka baba
Kwangthathela ithemba ngasala dengwane
kamhlaba
Lapho kukhona kuhambe kuqhoshe kuya gugumba
...

Sofika leso sikhathi
Lapho ubumnyama bofika ungalindele
Lapho ozodwanguza khona kungena khaya
ozokhosela kulo
...

Sasho isgubhu
Walekelela umkenenezo wamakholwa ngale
kwentaba
Mina bafo ngcabanga ukuyofaka ikhanda ngbone
...

Mphathi Thobumoya Mbhele Biography

Mphathi mbhele Imbongi ehaya izinkondlo zesmanje enothando lwayo ngaqala ngo 2010 ukbhala ngyathemba sosekana on facebook Mphathi Mbhele Inkunzi)

The Best Poem Of Mphathi Thobumoya Mbhele

To My Unborn Child

Lezi iziyalo zakho ndodana engsamhlela
Ngiloba lenkondlo ngfikelwa izinyembezi sengfisa nokuzdedela
Ngike ngikbuke ngamehlo enhliziyo usukhulile usuwunjiniyela
Mina owami ubaba ngathi ngizalwa wazbonela iciko
Ngakhula ngazi ikhono lami eliyongphilisa
Yizeke sebebaningi bengphikisa
Lapha emhlabeni kunzima ubocophelela
Ziningi izimfamona ezokjikjela uboqinisela
Ezinye zobe zingafuni uphumelele angani ziyazi uyokhuluma iqiniso bela belwa
Belwela ukuba ungaphumeleli bakhohlwe ukuthi bona bafunani
Bayokugxoba ngezinyawo ndondana wovuka ksakude phambili qinisela
Empilweni mase ukhulile
Uyoyibona impilo iyobe isishintshile
Bakhona abayothi bayakthanda
Kanti vele bayakthanda ukukbona ulengela emaweni
Uhlaleleni wovuka uhambe ksakude phambili qinisela
Angfuni ube uzinyo bulala kahluphekile
Kuyobe ungphoxile
Nase thuneni ngyongena nghlinile
Ndodana lenkondlo ngsayloba
Eznkundleni zokuxhumana ngyoyfaka
Funa wazi umfundisi akamzali umfundisi nokhamba abathi lfuze imbiza mina ngaba wukhamba olngafuze lutho phela angyazi eyami imbiza
Mina azange ngafana nobaba
Nawe kyoksiza ungafuni ukfana nami ndodana

Ngfuna ufike kahle ngsaloba
Mase ukhulile ngenye imini ngyokushiya
Ngiye kude hlezi uyongfica ezweni likamoya
Uzokhula ube indoda ngoba mawenza iphutha ngyokshaya
Uyoqina kuze mase umdala ungeke ukhohlwe ikhaya
Uyofunda njengabo bobonke abantwana ungaphazamisi ozakwenu eskoleni mabehaya
Ngoba uthi ufuna nami iznkondlo aziholelo ngfuna ube unjiniyela
Mase ukhulile baningi abayokuhlulela
Kanti neznqumo ozthathayo khona abayokugxeka
Mufuna ukphumelela wobashaya ngomzimba okungcono abathi uyazqhenya
Kanti mina ngawe ngyaziqhenya
Baningi abayokuhleba
Nami baningi abanghlamuka ngenkathi ngthatha lesnqumo
Enkompolo enganghlala nabo base bengbukela phansi njenge njini efile
Khumbula ngfuna ube unjiniyela
Base bethi bengena endlini babizane bodwa omunye asambe sofunda ubthongo absizi
Omunye asambe sosebenza sinezingane ngakithi
Kodwa elomphela ndaba zophela ezabo indaba mhla umzali ebuza ethi wenzanjan
Ngeke basho badlala amantombazane bayothi akulunganga
Abanye bayothi bayobheka izingane zabo abekade bengazi
Zidlani z
Zigqokani
Zimbathani
Maningi amanyala enziwa ithina ebufaneni
Wena funda ngfuna ube unjiniyela
Ndodana

Mina ngyophoxoka mhla ngabona unyoko ekhala
Ekhaliswa ezakho izenzo
Ukulalela isona skhiye sempilo
Yize abanye bethi imfundo iskhiye sempilo
Maningi amanyala enziwa othisha kodwa nanamuhla sisaphila
Ungayidlali ingoma(ungasini) angfune ube ibhinca
Ungadansi angfuni ube itsatsatsa lokho akbuyiseli
Maningi amahle amantombazane ungabolingeka
Ukuqonywa usamncane aklona iphutha
Iphutha ukwenza umtwana usabheke isinkwa kmina
Yey mina ubaba akangshiyanga nafa
Nami ngozama ukukusebenzela
Makwenzeka nghluleka
Woqhubeka ndodana iyashisa lensiimbi qinisela
Ungamphoxi ubaba ngfuna uba unjiniyela
Ndodana ngiloba lenkondlo ngfuna wazi kyokwenzeka uthi mufika la
Mina ngibe sengingasekho
Nakimi ilanga selizoshona
Ndodana lezi zizizyalo zakho ngsakuhlela

Mphathi Thobumoya Mbhele Comments

Mphathi Thobumoya Mbhele Popularity

Mphathi Thobumoya Mbhele Popularity

Close
Error Success