S'thandwa Ngixolele Poem by Muziwabahle Sabelo Sithole

S'thandwa Ngixolele



Ngike ngahlala phansi ngazibuza
Ngaziphendula, ngizigxekile ngibuye
Ngazisola ngoba ngiyazi solwa nonembeza
Uma ngiqhuba kanjena.
Kunegama elifike liphethwe yimizwa enamandla,
Yafike yalishiya nezinyembez' ebusweni bami ngazithola
Sengicela uxolo kuwena s'thandwa.

Phakath' ekujuleni kwenhliziyo ngiyalaz' iqiniso
Ukhalile ngizibonil' izinyembezi ziwela phansi
Ekuncolen' emhlabathini,
Bengifisa ukuzivimba kepha iskhohlakali
Esinjengami besingebusule ngezandla ezincolileyo
Ubuso nezinyembez' ezimsulwa njengezakho.
Ngiyazi bewungakhali kepha bewuzama ukuphalaza
Inhlungu engikugimbise yona.

Mhla ngikushela ngakuthembisa
Impatho, uthando kanye nenhlonipho
Hhayi ukukukwenza isigqila sezinhlungu, nemboni yezinyembezi
Noma ngikhumbula kahle kuleyo season wawungekh' osizini
Awungibizanga futh' awungicelanga kuba
Ngikushele. Kanjalo nami ngangingazi ukuthi
ngiyozikhalela kuwe ungivulel' amasango enjabulo
Konke kwazenzakalela!

Nawe ngiyakunxusa lobuhlung ' obuzwayo bufana
Nokudaliwe mhlawumbe ukuthi yimina owakho
Umaqondana nakho kudaliwe. Wena nje qaphela
Indlela yothando ingumqansa, inameva
Idinga ukubekezela, isineke kunye nokuzinikela!
S'thanda ngicela ususe umuny' enhliziywen' uthando
Lufuna indawo yalo.

Ngiyakuthanda impela kodwa nam' angazi kungani
Ngikukhalisa, ngiyathanda ukukubon' uhleka
Kodwa nam' angazi kungani ngikon' umoya
Ngiyathanda ukukubona unobus' obuchachambile
kodwa nami angazi kungani ngikugqokisa
Ubuso obudangele!

Namhlanje ngibona okungafani nokwayizolo hleze kusasa
Ngizobona okungafani nokweviki eliphelile
Kodwa kuwena ngifuna ukubona loluthand' onginikeza lona
Namhlanje kusasa naphakade yingakho ngiguqe ngedolo
Namhlanje ngithi ngicela uxolo kuwena

Ukusa bekungengamele namhlanje ngisele dengwane
Unembeza ungigiyela ngeviyo lemikhonto,
Ingqondo iyathatha iyabeka ngekusasa elizobhidlika,
Namathemba azoshabalala kunye nezifiso eziyohamba
Nezikhukhula zobudedengu. Kodwa
S'thandwa bewungexolele inhliziy' emumeth' uthando
Lwakho?

empeleni ngyehluleka manje unembeza udlal' eyawo
Indima, ukonakala kwami akusenandawo kweyami
Inhliziyo. Ngalenkodlo ngikuhlanza konke ukungcola
Nenginesiqiniseko sokuthi bewungakwazi ngaphambini
Namhlanje ngithi kwazi ngixolele ngakho
Yize ngingethembise izulu nomhlaba kodwa
Okwakho ukujabula sekuyoba yisibophezelo
Sokuphila kwami kulomhlaba.

Ngalamagama amabili ngiyabiya
S'thandwa NGICELA UXOLO kuwena

S'thandwa Ngixolele
Thursday, April 21, 2016
Topic(s) of this poem: forgiveness,love,sad love
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Sometimes people get fooled by too much love from their partners and forget that, being in true love in is like the blessing from God in this careless world
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success