sebeshilo, ngasho ngathi ngiyakuthanda
sebekugxekile, ngakhomba lokho okuhle okukuwe
sebekubekile amabala kuwe waze wangcola
kodwa ngakuhlanza waba mhlophe qwa.
sebeshilo bathi awusoze waba lutho
ngakugqugquzela ukuba ubhekane nenselelo yempilo
bebengayeka yini ukukuhleba bethi kuyakubhedela
bengilapho ukukududuza lapho usuphela amandla
bebengayeka yini, kodwa nami kangiyekanga
bashilo bathi awungifanele
kodwa lokho ngakushaya indiva
ngathi ayi ngakhelwa wena ayi enye insizwa
sebeshilo bathi kufanele ngithole omuye ongcono
we akekho ongcono njengawe nomuhle njengawe
sebekushilo bathi bangidinga okudlula wena
ayi ngeke akekho ongidinga okudlula wena
sebekushilo konke kodwa lapho bethi kufanele sehlukane
we! ngafunga ngagomela ngathi kuyophela umhlaba ukuze sehlukane
wo he! uma sehlukana kuyobe kudale yena ongaphezulu.
Basuke benomona vele. Basho nokusho bengakufiseli okuhle. Uyibhale kamnandi inkondlo yakho. Qhubeka nomsebenzi oncomekayo sthandwa!
Unyanisile, Uthando lwabantu ababini Alusoze lupheliswe ngamahlebo nazigxeko zabanomona. Qhubeka ubhale, nawe uzokusho konke okusentliziyweni yakho. -nkuli
I dont understand your poem coz its written in your language...thou am here, want to greet you a warm welcome from the PH family! ! ! Cate
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Ngiyayithanda kakhulu ungalukhohlwa ulimi lwakho neh