Sofika Lesosikhathi(Igomondela Part Ii) Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Sofika Lesosikhathi(Igomondela Part Ii)

Sofika leso sikhathi
Lapho ubumnyama bofika ungalindele
Lapho ozodwanguza khona kungena khaya
ozokhosela kulo
Lapho insingizi iyothi ikhala iphimbo
lakholingasaphumi
Dali musa ukungihlukumeza
Yebo ngyakthanda uyazi
Kodwa uyongkhumbula ngelinye ilanga
Lapho oyothi ukhala ngkuphendule ngiktshele
ngyafisa ukukusula izinyembezi kodwa angikwazi
Ngifisa ukukugona kodwa angikwazi
Ezakithi ziyanqaba zithi azikwazi
Iskhathi sisekhona khombisa abangazi
Ukuthi ungithanda kulo mbhede ngigula kanje
kodwa awungabazi
Ukuthi noma ngingashiya kodwa enhlizweni ngohleli
ngithandwa
Ngiyazi angilutho
Kodwa amandla ayophela uyongkhumbula

Lapho kuyoba mnyama emehlweni
Uzwe islilo sabafelokazi likbuze izwi uthuleleni
Kube nameva ihlabe indlela eya ethuneni lami
Linethe lidume ushibileke emaweni engekho
okbonayo
Lapho oyobe uvuna owakutshala
Yebo sungfakile ushevu
Uyalwaz olwami usizi kulombhede
Khohlisa abantwana ke
Ungamane uphume nje uthi angsale ngizbonela
Khumbula ngkushada ngazbonela ukuthi eyami
impilo iphathwa umdali
Shuthi uye oseyongbonela wena
Njengoba ungshiya lapha ngizonela
Awuboni yini uyazonela iksasa lakho
Igazi lami lokhuluma phasi komhlaba
Kuyohluma inkumbulo kwesakho ismilo
Indlela ebengikphatha ngayo bekumoyizela
nezengelosi
Zincoma impatho
Kanti uyazi uwulusifa lika baba uyayazi nhloso
kulungile uzongkhumbula hla uphela amandla
Alikho eliyozikhotha umhlane

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success