Udokotela Wothando Poem by Bathokozile Hadebe

Udokotela Wothando

Sengihambe
amazwe
ngamazwe
izitaba nezintabakazi
izigodi ngezigodi
angilambhi
angomi
ngijuluka ngize
ngome
ngifunana nodokotela
bayangibuza udokotela wani?
Haibo!
ngifuna udokotela
wothando
ozohlola olwethu
uthando
ozohlola eyami
inhliziyo
odokotela bayahluleka
ochwepheshe
bothando bona?
Uthando lwethu
sinqanda mathe
sami
luyamangaza
luyaxaka
kuxakeka ngisho
inhliziyo
luyakapaka
njengo tshwala
besizulu
okhambeni
obukapaka
amagwebu
ngikuthandiswa
okwenyanga
kazibandlela
inyanga
eyisithandwa
ebantwini,
egcwele
ubumnandi
nezibiliboco
lasinyathela khona sithandwa sami
asinamahloni
ngothando lwethu
senza isinqumo
savumelana
'angeke sihlukane'
ngikuthanda
ngothando
olungazikhukhumezi
aluzigqaji
aluzifuneli okwalo
emusakazweni,
kumaphephandaba
kukhulunywa
ngathi sesaba izithandani eziqavile
awu!
Ngisemathandweni

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success