Umkhonzo Omuhle Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Umkhonzo Omuhle



Umkhonzo wami ngathi ungakfica usaphila
Ngiloba lombhalo ngsemathafeni ngbuka ubuhle
bakho ngamehlo enqondo
Ngimoyizela ngedwa kuleli gquma lothando
awsekho wena ngelosi yothando
Ngibabuka njalo ontanga behamba nezabo
izithandwa ngizduduze ngokuthi unomqondo hlez
uyongkhumbula la wangshiya khona
Ngidwebe isithombe sakho emnyango womjondolo
wami ngenzele hla ukhohlwa ubone ubuso bakho
kulelo xhafungana lomuzi
Umkhonzo ojulile ubaba ushiyile emhlabeni
Izinkomo zakhe angisazifun ekhaya kungcono
ngzokulobola
Ekhaya ngisangedwa ngilalela imiculo yemiyane
Eyezintombi angiyfuni ingthunuka kakhulu amanxeba
Ngilinde elakho iphimbo
Noma ngabe usukshayile umhlaba ungakhohlwa
imina udokotela wakho ngyokulapha ngawo wonke
amakhambi engnawo
Noma ngabe usuthole onemali ukhumbule akekho
ngcono mengafani nami
Kumina uyincwadi engcwele ugenedise ngyokthanda
usubuya nesifo sambulo sami
Umkhonzo ojulile Nontobeko

Sunday, May 20, 2018
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success