Uma ngihlezi, ngiyacabanga
Uma ngihamba ngiyacabanga
Ngicabanga umzwangedwa
ngicabanga wena
Nguwe owangizwisa umzwangedwa
Nguwe owangivula ingqondo yothando
Emva kwalokho wangishiyisa okwamafinyila
Emva kwalokho wangilaxaza okwesidwedwe
Yingoba ngangikwenzeni nje ngempela?
Yingoba wayenani yena mina engangingenayo?
kodwa ngoba wawungeke usangibuza nami?
Mhlawumbe nganginakho ngizokunikeza.
ngixolele uma ngasho ongakuthandi
ngixolele uma uthando lami lalingakwanelisi
ngixolele uma kukhona okuningi owawungakuthandi
kungcono ukube wangitshela sikhulume, sihlale phansi
ngingedwa ngihlezi ngibukana nodonga
ngidiniwe ngidangele, ngiyadabukisa
ngize ngaphelelelwa uxolo ngixolisa kuwe
ngizwe phela namanje ngiyaxolisa
ngizoya kubani manje senginje?
Wow its so touching hey... This poem just made me cry! This poem says every thing
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
I like your poem because I wish I could make my own poem 😓😭