[zulu, Inkondlo] Incwadi Yo Thando Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Incwadi Yo Thando

Rating: 3.0


Ngingu mfokazi nje
Wase dolojaneni elincinane
Elisele emuva
Lapho uthando lusewu thando
Futhi, luseyikho konke
Ngithanda ngoku bona
Njengaso sonke isiwula esinga fundisekile
Ngikholelwa kulezozinto
Ezinemibalabala ne zinesimo
Uthando lunje ngo thingo lwenkosazana
Olusontene, futhi olugobile
Noma ngabe yini esengqondweni yakho
Ngizoyamukela ngenje ndoda
Ubo khuluma ungesabi
Lapho sihlangana kusasa
Uma kubuhlungu
Ngizo wa cashisa amehlo ami
Isikhashana
Kodwa uma kungukuthi
Ufuna ukuqhubeka noku ngithanda
Ngiyokuthanda ngeqiniso
Ngiyokuthanda ngokwemvelo
NJALO-NJALO
Okomfulakazi wase mandulo
Wona okhukhulela ulwandle
Ngosawoti kanye nezinyembezi
Zasemazweni aqhelileyo

COMMENTS OF THE POEM
Kwenzj 10 August 2022

Yooh I'm Andis perfect 🥰

1 0 Reply
Syanda 25 May 2018

Send for my pls on facebook Cyanda Gambushe

2 1 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success