[zulu, Inkondlo] Incwadi Yothando Ii Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Incwadi Yothando Ii

Rating: 2.7


Olwami uthando olwamahhala
Lukhululekile, luyakukhulula
Ukuthi ube yikho lokho
Ofisa ukuba yikho
Noma kune nxenye yami
Engathanda ukuthi ikugige
Ikugigele esihlakaleni sesandla sami
Ibuye ikwemboze
Ngezintende zezandla zami
Okwetshe le rubhi* noma ubuhlalu
Beqophelo eliphezulu
Ukuze ngiku vikele
Ngibambelele kuwe
Ungalahleki nangengozi
Ungalahleki nangenhloso

Ngingakugiga nje kuphela
Ngokuthi
Ngikugigele ekhanda lami
Ngemicabango yokucabanga ngawe
Ngenhliziyo ngikwemboze
Ngemizwa yoku langazelela
Kodwa ngikukhulule
Ukuthi ukhululeke
Ukungephula inhliziyo
Ngabe luyini kanti uthando
Uma lungeyona inkululeko
Yefu lincibilika
Liphenduka ubala olubuhlazana

Lapho ngithi ngiyakuthanda
Nawe uthi uyangithanda
Yilowo kuphela umculo
Olangazelelwa izindlebe zami
Ngiyakuthanda
Ngikukhumbule
Ngiyakwesabela
Ngikukhalele
Ngoba akukho okumele
Kwenzeke
Ukuhlukumeza wena
Angikaze kule mpilo
Ngesabele enye impilo
Ukulahlekelwa yiyo

Noma
Sengibabonile impela
Baze babaningana
Ikakhukazi emaphusheni
Abakudala nabakusha
Akekho onjengawe
Uma kungukuthi
Mhlawumbe ngalanga limbe
Ngenxa yezimanga namanga
Lendlu isayo bhidlika
Ngiyo kwazi enhliziyweni yami
Ukuthi ngenze okusemandleni
Kodwa uthando,
uthando selukwenzile konke

COMMENTS OF THE POEM
Siviwe Wiseman Gumede 18 February 2015

i qoute 'Lapho ngithi ngiyakuthanda Nawe uthi uyangithanda Yilowo kuphela umculo Olangazelelwa izindlebe zami'

11 0 Reply
Vukani dweba 16 October 2018

Inkondlo zothando zimnandi .

7 2 Reply
King Jomo 02 October 2018

Add a comment.aluthengisi asiphisaneni hhayi sidayiselane

2 2 Reply
Mary Nkwanyana 01 August 2022

I'm andi kakhulu lenkondlo ngiyithandile

2 1 Reply
CEBILE SIBAHLE NDLOVU 27 November 2021

UTHANDO NGYALWESABA

1 0 Reply
WANDILE KHUMALO 11 April 2019

UTHANDO LUMAHHALA ENHLIZIWENI YAM NAM ALUTHENGWA NGAMALI

4 5 Reply
Sphelele Auks An Maqetuka 02 January 2019

Uthando lisho lukhulu empilweni yami

3 3 Reply
Olwethu Vezi 23 November 2018

ngiyithandile inkondlo yaAnele ethi Ukuhamba kuka mama

3 1 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success