Angsena Baba Engzothi Happy Fathers Day Kuye (Ft Hlengie Imbongi Yamantungwa) Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Angsena Baba Engzothi Happy Fathers Day Kuye (Ft Hlengie Imbongi Yamantungwa)



HLENGIE
.
Angsenababa engzothi happy fathers day kuye
sasesfikile iskhathi kuye
ukufa kwamthatha kwamyisa emazulwini
moya wakhe uhleli ekuphumuleni mina ngisele
enhluphekweni
baba ungshiyeleni
nghlezi ngibikelwa ngithi lolusuku luyeza.
Mina angsafuni nokulicabanga
enhlizweni angphathekile kahle ngath khona
olokhu engzokoloza.
Ngdinga owafika nalolusuku mhlampe
uzolicima lungabikhona
nezinyembezi azisalindi seziyazehlela
sekubusa ozakwethu abanobaba
mina anginababa
kaze sengyosho kubani ukuthi happy fathers
day baba
ay lendaba inghlukumeza ikhanda
kuvele kube ngath liyaphithana
ngaze ngafa ubhlungu bekhanda
sengihluleka nokucabanga
baba kungani ungshiyile
ungshiye nombuzo engingakwazi
ukuziphendulela
mina sengyothi happy fathers day kubani
baba..
.
ANGSENABABA
UKUFA KUMTHATHILE
UKUFA KUYIVAKA KUYIXOKI
USISHIYE NO SIZI
.
MPHATHI MBHELE
.
namuhla usuku lo baba
khona okvukayo kimi
akasekho obezothi ndodana kimi
akasekho ozongphulula ikhanda athi ukhule
ndodana yami
akekho nangoko moya eduze kwami
kube ukhona ngabe uyazesula izinyembezi zami
ngabe uyafika emaphuphweni
akusasizi ubaba wahamba namaxoki
akusasizi ubaba wazunywa ukufa
ingakho ngith kufa uyivaka
bheka langaphandle
bheka obaba ezabo izngane bazkhiphile
ezndaweni bazivakashisile
wena kufa usile
ngobk ungshiye ngingena lutho engzoldlala
njengengane
kodwa manje sengdlala inhlupheko
kodwa angingakhali vele sengjwayele
ake ngithi happy fathers day kwa banobaba
kwaba njengami ningakhali umdali odalile
ngam udlalile
bheka sengintandane enhle engakhothwanga
nguyise
jah umama yena ukhona
kodwa ngeke adlale eyakho indima
ngokuphangalala kwakho ngsakhala
We Msani nanoma uyangbona ngimanikiniki
nginje
ngisho ngemhlophe inhliziyo happy fathers day
kwazise usuku lwakho lokuzalwa happy
birthday Majoka

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: death
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success