Isalakutshelwa Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Isalakutshelwa

ISALA KUTSHELWA

BENGHLELI NGIZWA BETHI ISALA KUTSHELWA
SIBONA NGOMOPHO
KODWA MINA NGAVUMELA UMBUSO UNGIDAKWE

bengiseqa mgwaqo
eseqa imgwaqo
nginothando olungaqinile
ngoba ifindo bengiligqashula
ngingenandaba nababecasuka phela nomama ngsakhula
bethanda ukuthi waysusa uzoymela
kepha mina ngahla ekhumbini(taxi) umshayeli(driver)
waysusa yazambela
pho kungani kuhlupheka mina ngoba ngahluleka
ukuysusa
kodwa baqinisile abadala mabethi HAMBA JUBA
BAYOKUCHUTHA PHAMBILI
he yazimina ngezami izindlebe

BENGHLELI NGIZWA BETHI ISALA KUTSHELWA
SIBONA NGOMOPHO
KODWA MINA NGAVUMELA UMBUSO UNGIDAKWE
abaziyo bathi ISALAKUTSHELWA SIBONA NGOMOPHO

kepha mina ngabashiya behlangene ngamakhanda
oBhungane eyami indaba beyibhunga
phela bengingayingeni i night club
kodwa bengiba yi 1 night standing
phela elami ikhekhe bekuwu Mkhumbi
omubi
othi mungahlala kulona udliwe zingwenya
phela elami ikhekhe kwase kuthiwa ikoze kuse
nesami isinqa siwu jelly sesithambile
obenganamali ubebona sengihambile
aibo! Wena uthi wawungazi yini ukuthi emhlabeni
ngizogcina ngihambile
ngyabonga mdali ngokugcina ungkhululile
phela abantu ngbakhathazile
kodwa ngkhalela amathuba engwalahlile
nemphefumulo ebingthembisa umshado mihla
namalanga nayo ngiyphulile
inkinga ngavumela umbuso ungidakwe
he yazimina ngezami izindlebe

BENGHLELI NGIZWA BETHI ISALA KUTSHELWA
SIBONA NGOMOPHO
KODWA MINA NGAVUMELA UMBUSO UNGIDAKWE

yazi mina emaphuphweni ami angnalo isoka
kodwa utshwala empilweni yami bumqoka
ngiwumakhwapheni amadoda abantu kuwo ngu Shakes
Mashaba ngoba ngiyawaqoka
angyena uzet-en kodwa izinto zomhlaba izona
eziyisembatho sempilo yami
mhlawumbe lento ekthiwa uthando ngayizela ngigijima
ingakho njena ngaqhuzuka ngawa
ebe nghamba nabo bangeqa badlula
bekuhleli kshiwo kthiwa umngani inyoka namhlanje
mina sengyabona
kube bengumfunisi bengizothi engabona ngyabaxolela
manje igama ngu Sthandiwe kodwa empilweni zabantu
ngzondiwe phela mina ngamehlo ngbonile
inkinga ngavumela umbuso ungidakwe
he yazimina ngezami izindlebe
BENGHLELI NGIZWA BETHI ISALA KUTSHELWA
SIBONA NGOMOPHO
KODWA MINA NGAVUMELA UMBUSO UNGIDAKWE

Thursday, May 11, 2017
Topic(s) of this poem: sad
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Sad
COMMENTS OF THE POEM
Kelly 27 January 2022

Inice

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success