Khumbule ekhaya
khumbule ezintaba zangakithi
Khumbule imifula nemifudlwana yangakithi
Kodwa nje iziphi izintaba ongazibiza ngengama zisabele njengazakithi
Khumbule ekhaya
Khumbule izingane, umakoti
Uze ukhimbule nomsindo nje wezinkukhu ngehora lamabili ekuseni
Kodwa nje ubuthi nje ngiphile kanjani ngingasamboni nje ukaMngomezulu esengibuka emehlweni
Esho ngoboya obuphuphuzela ebusweni
Kodwa nje ubuthi ngiphile kanjani
Mina ngikhumbule ekhaya
Ngikhumbule izinkomo ezigcwele isibaya
Namatshe agudle umthangala awakwa Sibiya
Phoke ngiyothini sengiyoze ngifike emva kwe phasika
Sekuze kwathwasa nobusika
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Ingikhumbuza ingoma enolayini abathi: Sengikhumbule ekhaya mina Ngikhumbule ekhaya Ngikhumbule ekhaya....