Sibonga yona le eyodwa owayizala
Noma singazi ukuthi zingaki osazibulala,
Phela imithombo ethembekile iyasho
Ukuthi ziningi esezalala kobandayo lo umhlaba.
Okubi nje ukuthi nonyokokhulu lo obekuzamazama
Usawushiya lo mhlaba ohlabayo
Sibonga yona le
Eyodwa owayizala
Noma singazi ukuthi
zingaki osazibulala.
Waphenduka intandokazi
Ebafaneni, kodwa ngiyethemba
Akuyona imikhuba
Yentando ntokazi,
Hawu kodwa ngadlala
Ngentando nje uban
Ongaythandi idriving school
Esikhiqize ompetha
Babashadikazi oh njalo
Babashayeli.
Nami bengsacabanga ukuya
Kodwa ngiyezwa
Kuthiwa alifakwa libuya neHIV,
Pho ngingabe ngisayaphi?
Abazali bathi unguMbali
abafana bathi
UnguNomusa wakaHlabisa
Ngenxa yomusa obenzela
Wona bengawucelile
Futhi bengawuncengile.
Waba nezithandwa eziningi
Ezidida uSathane
Ngisho nawe uqobo,
Wakhipha isisu
Ngokugqoka ostamach out,
Ntombazane hamba erihab
Ngoba usuyisex edict.
Sibonga yona le
Eyodwa owayizala
noma singazi ukuthi
Zingaki osazibulala.
M.C Madlala akadlali
into nje unidlela amaqiniso
ngesiXhosa nginitshela amaqiniso!
Amaphutha ayenzeka, mhlawumbe naye akasathandi usekwenza nje ngoba sekuyimpilo azejwayeza yona. Udinga ukwesekwa aboniswe indlela. Yinhle kakhulu inkondlo yakho.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
inhle inkondlo yakho, kodwa usebenzisa kakhulu amagama ajwayelekile, ulimi lwethu lucebe ngezisho nezaga eziningi, kunoteku nokunye okuningi. thaka nje ukuze ubuhle bayo buzoyize. keep writing. Siya_! !