Matric Dance Poem by M.C Madlala

Matric Dance



Mama ngiyazi umoya
Wakho ngiwephulile
Umthetho neziyalo ngikwedlulile
Kodwa manje sengikhulile

Wangiyala wangifundisa
Wangishaya wangikhulisa,
Wangiyisa nasenkulisa.
Namhlanje ngikwamatikuletsheni
Yingakho ngigqoke ngiconsa,
Ngoba ithawula angizange
Ngiliphonsa, ngashaywa esinqeni
Ngashaywa esandleni, kodwa
Angizange ngiphume esandleni

Namhlanje kubizwa izipho
Lilokhu livele njalo elam Igama,
Bengingazi ukuthi ngithandwa kangaka!
Izipho ziqhamuka nhlangothi zonke,
Nalobu buhle obulapha bungenza
Ngibonge umama, phela nguye lo owathi mtanami
Uziphathe kahle, ungazalisi, ungazali
Ufunde ze ungondle.

Wathi uma ngenze njalo okuhle ngizokubona
Ngabe sengenze kahle?
Phela okuhle nakhu ngiyakubona
Kuhle kudelile sihalaliselwa kwangathi
Sesiphumelele, nathi ngabe siyaphoxa
Uma singasaphumeleli, Noma singasayanga eThekwini
Banele lobu buhle esengibubone lapha,
Phela ngathi ngikwelamaphupho,
Nalona engihamba naye
Ngathi nguye owam wamaphupho
Uthi kuseyiso isikole sami les
Phela ngathi ngikwelincane iZulu
Nabantu bangangoZulu.

Imina lo engiyisitatanyiswa namhlanj
Othishela bangibingelela kuvele elomhlath
Nam ngihleka ngiveze elomhlath
Kwangath angikho kwamhlaba,
izikhulumi zisina zidedelana
zisiyala zisikhulisa, zonke azilibali ukuncoma
imfundo, hawu laba bantu ngath bahlala
nowam umama, ngoba bahamba kwawakhe amagama
“mtanam uhloniphe ufunde” imfundo, inhlonipho
Zihlobo yini kanti? Phela yizona zinto
Ezihamba phambili lapha.

Nakuba sengilizwa iphango kodwa ngiyazi
OkaBlose uzoslinda ngezibiliboco.
Nakuba kukuhle kudelile
Kodwa angikhohlwa ukuth luyeza olungaliyo
Lapho kuyosa okungaliyo, siphikelele
Khona eDH siyokhipha esakwembathiswa uMaMbatha
Kwajiya, Sijiye, kwacutshwa uNcube
Kwaba njengobisi MaSbisi noma usukaNdlovu
Kodwa siyazi ayikho eyasindwa owayo umboko
Ngifunda ngingahlali kwelami iDladla
Okamgabadeli eziletha ngamasoso izibalo
Kukuhle sisagiya noMaDlamini ngolwakith
Ulimi, ayone yonke lento okaJaffa esekwitiza isiLungu
Kube sengath usithela ngezintuli
MaLuthuli asiwakhe umnotho waseNingizimu Afrika
Hawu ngathi ngiyaydebitor wena waycreditor
Kazi sizibala nje siyoba nazo nini lezi zimali weMakhathini.
MaMdunge ungaydungi thina sisazidlalela NoMadlala
Ngolwakith esaluncela ebeleni.

Nomabengasibukela phansi
eMsinga kodwa thina siyazi ukuthi siHigh!

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
This poem was special dedicated to Msinga high matric, where I was doing my Teaching Practice.
COMMENTS OF THE POEM
Siyabonga A Nxumalo 06 August 2013

ave ngizithanda izinkondlo ezikhuthazayo, ikakhulukazi uma iyinde ngoba ayishiyi lutho, iyixoxa yonke indaba noyalwayo ayizwe ngaphandle kokutolikelwa. muhle umyalezo enkondlweni. Siya_! !

3 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
M.C Madlala

M.C Madlala

Msinga, Tugela Ferry
Close
Error Success