Ngingufakazi Kanembeza Poem by Hlukanisani welcome mngomezulu

Ngingufakazi Kanembeza

Ngafelwa ngamathemba.
Ngafelwa ngunembeza.
Ngaphelelwa wukuzinakekela.
Kwashabalala izifiso
Namaphupho.
Ngalokho ngafelwa ngunembeza.

Ngempela sengiyisela.
Ngempela sengakhe abafelwa
Nabafelokaz'.
Kangaz'noma ngifakaze ngalabafelokaz'.
Yebo, ngingufakaz'ngokufa kwabafaz'
Ababengaz' ngegaz' engangilidinga.

Ngamfumana ngamphahlaza.
Ngamhlakaza, wakhathala,
Waphangalala emva kokukhala ngobaba
Nabantwana.
Yebo, ngingufakaz' oqanda ikhanda ngokufa
Kwalentokaz' eyayingaz' ngezinjongo zam'
Zegaz' labafelokaz'

Ngamdibha, ngamhlinza, ngamklinya.
Ngamfihla emva kokubalisa ngomfaz'
Nabantwanabakhe.
Yebo, ngingufakaz' ngokufa kwalensizwa eyayingaz'
Ngezinjongo zam'zegaz' labafelokaz'
Yebo, ngingufakaz' nos'yaz' ngokufa
Kwabaning' empin' yasemphakathin'
Ngalokho ngafelwa ngunembeza.
Ngingufakaz' kanembeza.

COMMENTS OF THE POEM

Ndiba nalo uchulumanco xa ndibona ukuphucuka kolwimi, ndiba nenkentse xa ndibona ubuhle nobumandi belwimi lenkobe, kuthi mandidyakadule ndiyokuziqengqa emaweni, ndiyabulela ngalombongo mhle kangaka ungabi sayeka mzukulwana kaMngomezulu The_African_Son

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success