Soshela kanjani lana emazweni,
Izintombi kaziphumi ziyokha amanzi emfuleni,
Noma ziphume nje ziyokwetheza,
Zinsizwa zakhona aziphumi iqhina zithi zoyokweshela,
Kodwa umuntu ozoshela kanjani emzweni,
Uyalimisa itshitshi likubuka emehlweni,
Uyalikhulumisa likungena ngamazwi emlonyeni,
Uyaqala uyazibika, likuhlahlela amehlo,
Likuphendula ngelika joji ulimi,
Lapho usuphenduke isilima,
Ngeke kufane nangakithi emahlabathini, emsinga, kwaNongoma, Olundi, kwaCeza,
Lapho Itshitshi elike liphume liyotheza ngaphandle kokugeza,
Soshela kanjani emazweni
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Izikhathi ziyashontsha mfanomdala....nice modern poem