What do you think this poem is about?

utholakele

Yebo, sekwanelene Sizakele, sengenele, ng'phangalele.
Umphefumulo wam'usufudumele.
Intukuthelo sekulele kufelwe.
Igaz' lam' lokuphela sengilifumene.

Imithambo yobomi bam' isivuvukele.
Nhliziyo yam' ngivumele ukub'
Ngemukele uTholakele
Owayehlwithwe nguSizakele.
Umoya wam' uth'mangikwethembe ngomusa
Nothando lwakho, uze uphinde ungenzele, ungifezele.
Ungibuyisele obese kungidukele.
Uze uphind' ungiph' obese kungiphelele

Okwakwamhlaba bese kumthethe ngingalangazele.
Kwangemuka uTholakele, ngaphenduka ize leze.
Iwundlu lam' namuhla lifunyenwe emva kokushabalala kwamathemba.
Ngeswele amandla okubonga itham'sanqa elingivelele.
Yebo, bese ng'khathele, ngifelwe.
Namuhla usetholakele uTholakele.

Submitted: Thursday, May 17, 2012


Comments about this poem (utholakele by Hlukanisani welcome mngomezulu )

Enter the verification code :

  • Anele ''the African Son'' Kapotelwa (5/17/2012 8:59:00 AM)

    Kuhle ukwamkele xa wehlelwe yinyweba esandleni, kubalulekile ukuzicaphula apho uthe wakhanyelwa khona, kuhle nkosiyam, ubhale ungabisayeka, qinisela!

    The_African_Son

    0 person liked.
    0 person did not like.
Read all 1 comments »
[Hata Bildir]