[zulu, Inkondlo] Ngi Ya Ku Thanda Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Ngi Ya Ku Thanda



Angiku thandeli lokho
Ongangezela khona kodwa
Ngikuthandela lokho oyikho kimi
Ngi ya ku thanda
Ngingaceli lutho oluvela kuwe
Ngaphandle kokuthi
Ungithande nawe
Ngi ku thanda
Ngenhliziyo egcwele isikhwele
Uyangi thola na
Ngi ya ku khumbula
Uku kwanga
Ngi ya ku phathaphatha
Ngingakuboni
Ngi ya ku nkonkoshela
Noma zingisithele (izintaba)
Ngelula isandla sami
Phakathi kobusuku
Ngi phuthaza lolo thando
Engiqinisekile ngalo
Ngize ngilu thinte
Emaphusheni
Amaphupho am’nandi
Uma ngi phupha ngawe
Ngi ya mamatheka
Ngilele ngi ya mamatheka
Ezweni lama phupho
Lapho ungibheka maqede
Umamatheke
Usho kimi uthi
Ngi ya ku thanda
Uthi, 'akekho ofana nawe, Lungie! '
Uthando
Ngaphandle kwesi zathu
Ubusika ne hlobo
Alukh' olunjengalo
Olwethu luhamba lodwa
Yimi ngedwa owaziyo
Ngokuxhumana kwethu
Ngaphadle kwama gama
Lapho ubheka uthinta unyakaza
Intokazi, nguwe
Umculo, nguwe
Umlingo, nguwe
Nguwe uthando lwami
Ngi lala ngingalele ngijulile ngegqondo
Ngiwotawotana ne pheshana
Nge peni
Ngicabangisisa
Ngifisa sengathi bewukhona lapha
Khona manje
Ulele eduze kwami
Usho izinto kimi
Ngaphandle kokuphimisa amazwi
Yimina kuphela owaziyo kahle
Ngoku xhumana kwethu
Yimi kuphela owaziyo oqondisisayo
Yimi owakho, othanda wena

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success