Abortion Child Part I Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Abortion Child Part I



NGASE NGINGAZI NGENZENI

BESE NGINGAZI KFANELE NGENZENI MDALI
NGITHANDAZILE KEPHA IMTHANDAZO YAMI
KAYIPHENDULWANGA
NGAYE ISINQUMO BESE NGISTHATHILE
YEBO KONA AKANACALA KODWA BESE KUFANELE
NGIMKHIPHILE
BENGEKE NGAKWAZI UKUKHULISA UMTWANA
ENGINGAMAZI UBABA WAYO
NGXOLELE MDALI

lenkondlo angiyibhalanga
ngyazi abanye bazothi ngnamanga
mangkhuluma lamazwi ayismanga
yebo kona bengisoni kodwa namhlanje ngidliwa
unembeza
ungaze ufunge ukuthi ezami izinsuku zoku jeza
ziyeza
ngthethelele mdali
nami ngalalela abangani bengdukisa
ngoba abami abazali beshonile
ingakho bathi ezabo iziyalo angizishiye
ngoba sebesezulwini mina sebengkhohliwe
phela base begxeka nezingubo engizigqokayo
impilo engiyiphilayo
babona kungcono sithunge intebe
nami ngalayeka ngakhohlwa bona bazalelwe esithebeni
yonke into ibalula kubona ngoba abalwazi usizi
lwasemhlabeni
empeleni bangkhohlisa ngagcina sengifuna ukuthandwa
ngenkani endaweni
phela bese ngiyisimukana ndwendwe intombi
ezshelelayo emadodeni
bengiyisiphoxi ezntombini zasemhlangeni ngoba
bengduka ziyogeza emfuleni
nami ngabona ngunkulunkulu umhlaba usungaphansi
kwami
ingakho ngizisola ngingedwa endlini encane ngidliwa
umzwa ngedwa
empeleni

BESE NGINGAZI KFANELE NGENZENI MDALI
NGITHANDAZILE KEPHA IMTHANDAZO YAMI
KAYIPHENDULWANGA
NGAYE ISINQUMO BESE NGISTHATHILE
YEBO KONA AKANACALA KODWA BESE KUFANELE
NGIMKHIPHILE
BENGEKE NGAKWAZI UKUKHULISA UMTWANA
ENGINGAMAZI UBABA WAYO
NGXOLELE MDALI

ngathi uma ngikhala ezami izinyembezi zawela
kubangani ababi
abangtshena ukuthi angiqhube iwashi bese inhlupheko
ngiyishanele njenge zibi
vele uMdali akekho usezulwini
akasboni sonke emhlabeni
kube uyasbona sonke ngabe uyazi ukuthi izolo ulale
udleni
kuyi manje akazi abazali bakho ubathatheleni
kungani ungaboni ukuthi uselfish umdali
buka emgwaqeni zingakhi izintandane
lelizwe selibuswa usathane
wena sula izinyembezi ubambe isandla sami khona
nawe uzozwa ubumnandi bempilo
ukuba umfelokazi ne ntandane kuwe kube into yayizolo
kwazise musunathi lapha Emlazi soqopha umlando
nami lamazwi angheha
bangenza ngabona ukuthi vele lo owangdala wangdala
ngephutha
ngoba ngisathandaza elakhe igama impilo yayingekho
lula
kwasekucaca kulo mhlaba ngphilela ukukhala
ngyathemba nawe mdali uyalibona iphutha lakho
ngisho lamazwi ngizisola ngingedwa endlini encane
ngidliwa umzwa ngedwa
empeleni

BESE NGINGAZI KFANELE NGENZENI MDALI
NGITHANDAZILE KEPHA IMTHANDAZO YAMI
KAYIPHENDULWANGA
NGAYE ISINQUMO BESE NGISTHATHILE
YEBO KONA AKANACALA KODWA BESE KUFANELE
NGIMKHIPHILE
BENGEKE NGAKWAZI UKUKHULISA UMTWANA
ENGINGAMAZI UBABA WAYO
NGXOLELE MDALI

abadala bathi HAMBA JUBA BAYOKUCHUTHA
PHAMBILI
ngangingazi yini leyo ngoba ngangingesilo ijuba ingakho
nje ngangphisana ngowami umphambili
ay ngoba ngangthanda imizwa yase izivumela
empeleni nami ngagugela emgwaqeni njenge thayi
lemoto
noma sengithi ngyabhenga eclubhin bathi ngdlala
ngeskorokoro
bethi sengidlala ngento engekho igobhozi
bengingena gqozi
impilo ebengiyiphila bingangikhathazi
ukuthi nami ngangingenwe yini ekhanda angazi
ngazthola sengvuka nomlisa engingamazi
ukqala kwami ukuzisola kwakungasasizi ngoba
kwasekonakele
nalo engangilele naye ngathola ukuthi ijazi alisebenzile
ingakho ngacela ukuya endlini encane ngedwa
ingakho ngazisola ngingedwa endlini encane ngidliwa
umzwa ngedwa
empeleni
BESE NGINGAZI KFANELE NGENZENI
BESE NGINGAZI KFANELE NGENZENI

Thursday, May 11, 2017
Topic(s) of this poem: death,sad
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Aboterd child explanation
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success