Abortion Child Part Ii Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Abortion Child Part Ii



NGXOLELE MTANAMI

PHAMBI KWAKHO NGISONI
KODWA NGXOLELE MTANAMI

phambi kwakho ngisoni kodwa ngxolele mtanami
kona ngiyazi ngakulahla usemncane
angani uyihlo wakho wanglahla wangshiya ngedwa
ngasala sengidliwa umzwa ngedwa
ngangithi ngyokuphosa kulelo wa
kodwa ngezwa amazwi kanowa

PHAMBI KWAKHO NGISONI
KODWA NGXOLELE MTANAMI

ubuhlungu engakuzwisa bona ngiyazisola
wawumncane mhlawumbe wawunesonto elilodwa
ngangafuni nokukubuka
kona musukhala ngase ngicikeka
angani uthando lokuba umzali laselifikile kepha mina
ngahluleka
ngase ngfisa nokubufa mangikbuka
kodwa iqhinga kwakufanele nglenzile
ukuthi amandla ami angapheli ngingakulahlile
ngoba ama social worker agcina engchithile
kwase kufanele ngikbulele

PHAMBI KWAKHO NGISONI
KODWA NGXOLELE MTANAMI

ezinsukwini ezimbalwa ushiyile
ngakuzwa ufika ngephupho ubuza igama lakho
ngathi udakiwe hambo buza ubaba wakho
ngakuzwa ukukhula kwakho
kodwa ngangazibheka izinyembezi zakho
ngakuzwa ungincengela igama lakho
kodwa ngawashaya indiva amazwi akho
ngabe ukubulala usana olungena cala isono sami?
Kodwa wena mdali wawungangkhobisi ngani indlela
yami
ingakho namhlanje ngizisola empilweni yami

PHAMBI KWAKHO NGISONI
KODWA NGXOLELE MTANAMI

bengiseqa mgwaqo
ngidli intsu abanye bebanjwe uqoh
angani ne soka lami kwakuyena unqoh
engphethe kahle kodwa ngithi uyena lo unqo
ngenye imini ngathi ngihleli endlini yami ngezwa into
ithi inqonqonqo
ngenkathi nghleli endlini yami
kwangathi kusha izihosha
kanti lomlilo uzoshisa mina
usediniwe undodana angani ngamlahla khona
emhosheni
shuthi ispoki sekuhlangend no mhosha
ingakho nje ngaphenduka umahosa
ngashiya amadoda enezihosha
angani ngazibona ngimusha
ekbeni lukhuza usana lami luthi ayi mama uzosha
ngithi ngeke ngizbiza ngenkunzi ngiyisosha
kanti angazi lendlela infaka ekufeni
angazi noma ngisho yini iskhathi singakapheli
angani nakhu nokugula kuyangkhahlela
igama lakho wawu Mphathi Mbhele
PHAMBI KWAKHO NGISONI
KODWA NGXOLELE MTANAMI

Thursday, May 11, 2017
Topic(s) of this poem: death,sad
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success