Amazwi Entandane Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Amazwi Entandane

Rating: 2.5


PHAMBI KWESIPHAMBANO SETHUNA LAKHO
NGIGUQILE
ISILILO NGLIBELE NGISKHIHLILE
NEMIBUZO NGYAZBUZA KUNGANI UNGSHIYILE

mama ebunzimeni obungaka engkubona kungani
ungshiyile
ngoba ngangikucelile nje mama ngathi bekezela ubaba
usezobuya kungani unqabile
nezinkinga ezingaka esibhekene nazo kungani
ungazixazululile
wena mdali kungani vele umthathithile
shuthi uyajabula ngoba islilo nglibele ngiskhihlile
kodwa makwi ntando yakho kulungile phela intando
yakho kayiphikiswa
uwena owadala izulu nomhlaba
uwena futhi ophethe ikusasa lethu
sekyacaca uwena owaziyo ngzolala ngidleni mina no
dadewethu
ngeke ngigxeke ukufa ngoba nguwe owakudala
buka lokufa kwakho sekudle fumuka kwadla silaza
wathatha umama sasala sibalisa
izinyembezi zehla nako makhelwane bebona lembali
yokuhlupheka ingabuni
izinyembezi zehla ngisho kwizitha zibona ukuthi lemvula
yosizi isiyiwisile indlu yegagu

PHAMBI KWESIPHAMBANO SETHUNA LAKHO
NGIGUQILE
ISILILO NGLIBELE NGISKHIHLILE
NEMIBUZO NGYAZBUZA KUNGANI UNGSHIYILE

Mama
phambi kwe siphambano sethuna lakho ngiguqile
empeleni umoya wami kawujabule
sengaguqa ngedolo kwadabuka izimpahla
lutho umdali ukungiphendula
sengashisa impepho ngadela abadala bangshaya
ngomzimba
nodaba lwami kuma Social Worker abalkhulumi
abangani sebengjikele
yazi mama bona abangani sebengbuka sakunginyanya
bangbiza ngoskhotheni bathi angigezi ngyanuka
mina kubona sengaba ihlaya ngoba bahleli benghleka
babuye bathi wna mama bunondindwa
wabulawa ingculazi
ukuthi konke lokho bakuthathaphi angazi
kwamina ngike ngcabange ukuzbulala ngbu
ngcabangele udadewethu uNolwazi
kona mncane akanalwazi ngosizi lalapha kamhlaba
okunye muhle ungfanela nawe mama
uyena sithombe engizduduza ngaso
cela nathi mama uskhumbule
ezethu izindlela zobumnyama uskhanyisele

PHAMBI KWESIPHAMBANO SETHUNA LAKHO
NGIGUQILE
ISILILO NGLIBELE NGISKHIHLILE
NEMIBUZO NGYAZBUZA KUNGANI UNGSHIYILE

ngoba phambi kwethuna lakho ngkhalile
sale usuba ithawula lami ungsule izinyembezi zami
kuthiwa libunjwa liseva
njengoba wena mama ungekho kyacaca ngyophenduka
udaka
buka imquba isidlula nemimoya mina ngmile la
kodwa makwi zono zenu eziwele phezukwami
uNkulunkulu kuyobe unecala
ngokungibhixa ngesobho inyama ngingaydlanga
kodwa wena mama kungani ushiye ngeskhathi
selingshonela ilanga
ngisho ngenkathi ubumnyama buhlasela
sekphelile ukuzkhohlisa ngithi kweyami impilo usaphila
ekbeni ngazi kahle ukuthi umdali kulo mhlaba
usakthatha
ithuna lakho selagqitshwa
nangephupho awsafuni ngisho ukufika
sekyacaca ukuthi vele uhleli kahle lapho thina
awusikhohliwe kube awusikhohlwanga ngabe alipheli
isonto ukudla ngingakthintanga
ayngoba ngfastile
inhlupheko elibele igiyile
umcamelo wami sewaba yimfaduko ngoba uma
uwukhama ukhipha izinyembezi
kodwa
PHAMBI KWESIPHAMBANO SETHUNA LAKHO
NGIGUQILE
KUNGANI UNGSHIYILE

Saturday, June 17, 2017
Topic(s) of this poem: death,sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success