Dear Voicemail by Senzokhaya umhayi
Sthandwa sami sase mnqamlazweni,
Emazweni lapho ezintabeni,
Ngya themb' usaphila nje themba lami,
Hamba mnyak' angsakwazi manakazi,
Sesizihlobo ezadukelene awusabhali ntokazi,
Nehlobo selifike ladlula kwaze kwangena namakhaza,
Lutho nhlob' eswen' awubonwa ntokazi,
Awusadlali ngisho nje nangomqhafazo,
Sewangilahla yini ntokazi,
Izinkinobho zakho nazo akusezona lezi,
Sekuphel' imizuzu namahora ngik'donsa ku thelefoni,
Keph' angik'thol' ngithol' ungamla,
Ngelamlele nom' unginike nje ikheli,
Ngizobamb' inqol' ek'seni nginikele laph' okhona,
Umuthola lomyalezo ngicel' ungshayele,
Nom' ufik' mathuph' ezimpohlweni, Ngisahlala khon' emkhukhwini,
Hho Hhe noma sengadlala zona izikhukhula,
Ngyathemb uzongithola ngisaphila
Uze ungizwele phela bambolwami,
Ubuye uzongethule lomthwalo,
Mthunzi wami wokuphumula,
Ngicel' ubuye sizophumula sishaywe umoya wasogwin' lolwandle,
Nomhlaba ngibona ngathi usuyazamaza,
Maye ngizocashaphi na thembalami,
Nalolo bambo lami ngiyethemb' usaligcinis' okwezikhali zamantungwa,
Aw sengahlalel' ukukhal' ezimathonsi,
Kazi ngizoqamela kuban' bambo lami,
Aw kodwa wahamb' ijuba likaNowa awungikhumbule yini nah,
Ne Lawu lami seliyadilika uyawa nomthangala,
Sengiphenduk' indangala inhlikisa komakhelwane,
Kepha ngisasiphanyekil' isithombe sakho obondeni,
Ngisasibhek' kuvuk' lesa sinqawunqa sothando lwethu,
Noma bengihleka beveza elomhlath'
Ngizobashaya indiva ngoba ngithembele kuwe wena thembalami,
Ukuba uzobuya nalo uthando lwami,
Njalo uma ilanga selikhasela ezintabeni,
Ngiyaye nginyukele laphe egqumeni,
Ngilunguze njengebanda laphaya ezansi kwentaba esitobhini,
Ngibale izinqoba zidlula zishwibeka,
Noma ngiwabona amatheba ami eshabalala,
Kodwa kunelilodwa elingimisa isibindi,
Uzobuya wena themba lami,
Sengithembel' kuyo ivoicemail,
Ukuba izofika lapho emazweni,
Ezintaben lapho okhona
Hho hhe nokungapheli kuyahlola,
Nangu nomlung' esengiphul' ulimi,
Sekuyoba intokoz' ukuzwa kuwe,
Yimin' obeshayil' isithandwa sakho esikulinde emlanjeni.
By Sєиzσkнαуα Uмнαуi, © 2013, All rights reserved.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem