senzokhaya umhayi

senzokhaya umhayi Poems

Nhiziyo yami usuyokophela ngaphakathi,
Konke kwakubekiw' ukuba kuyophela,
Namanxeba ngiyethemb' azophola,
Nezinyembezi zizogelez' okomay' okungegazi,
...

Uze umhayel' izinkondl' ezimnandi

Kowethu umhlaba thina simazi njengembongi,
Ubehlala ebhala njalo ehay' inkondlo,
...

Ntokazi yakwazulu

Angizidele amathambo ngithathe lelithuba,
Ngicele izwi kuMdali ngihaye nganasi isimomondiya,
...

Khala Nhliziyo yami uzithulise,
Akusasizi ukukhala ngoba usethule,
Soze kwanginceda ukuqandula ngoba isidumbu sakhe sesiphumule,
Nomphefumulo wakhe usuphumile,
...

Ngimbonil' ufikil' uhambile.

Uthando lungenzile,
Ngikhumbula lawo malanga ngisemncanyana,
...

Ewu kodwa bakithi ngathi sengikhohliwe lapha
uthi ngisathandwa nje kodwa,
uthi kuseyimi umanqoba kulenhliziyo,
ngaze ngafa inkumbulo,
...

Ake ngivuke ngihlome ngihlasele,
Ngikhahlel' ingubo ngitshakadule,
Ngiphume ngiye hlane ngiyovundulula,
Ngipheke ngithulule osekuvuthiwe,
...

Ngizokulinda ubuye

Ngifona ngisemafonini ezitolo lapha engangivame ukukufonela khona uma ngisuka eskoleni,
Ngifona ngeshumi lami lokugcina,
...

Sthandwa sami sokuqala

Phambi kwesiphambano seliba lakho ngiguqile,
Inhliziyo yami izokwelila nami njengoba nami ngizilile,
...

Dear Voicemail by Senzokhaya umhayi

Sthandwa sami sase mnqamlazweni,
Emazweni lapho ezintabeni,
...

Mama ngisenguye owakho

Ngisakhasa ngingena ezintangeni,
Ungithatha ungibeka emathangeni,
...

12.

Lapho ngilele ngicambalele ngesisu ngithe cubalala,
Ngibalekele ilanga emnyango elibalele elomisa amalala,
...

Zulu oMjukwana kaNdaba,
Nginimemeza emajukujukwini,
Nginivusa emaphusheni nginiphephetha amehlo nganal' usiba,
Nasi isizukulwane senu sizidika sizigwaza ngowaso,
...

Ezweni sekuthulekile phakathi kwamabili,
Phakathi ezindongeni zendlu yokuzikhulula,
...

Yebo ungibonisile.

Ungivule amehlo wangibonis' impilo,
Bengihamba ngigxumagxuma wangikhuba ngawa ngabhadalala ngesisu,
...

Thando unjani.

Ukube uthando lunjengempahla,
Bekuzothi lapho sesihlukene nobethandwe inhiziyo,
...

Ngivumele ngihambe.

Emhlabeni ngifikile njengelanga,
Ngaliphila ixesha lami njengasekuseni kuya emini,
...

Nkosi sikhuleka kuwe ngomthandazo,
Siguqe ngamadolo sahlanganis' izandla savala amehlo sabheka phezulu,
Izinyembezi ziyahlengezela ngenxa yokuhlupheka esikubonayo,
Sindlala lomthandazo phambi kobuso bethu,
...

Ngisemendweni Kulomuzi ngiganile,
Lomendo ngawuthola ngisewu m'vumbu wentombazanyana,
...

Lashon' ilanga layozilahla kunina,
Yafik' imini yezinyembezi
Imin' yezinhlupheko,
Imini yobumnyam' ebalekis ukukhanya,
...

senzokhaya umhayi Biography

I am young poet from Mtubatuba, I am inspired several poets like Bongani Mavuso, Mzwakhe Mbuli, Sbo Da Poet etc, I started writing poems in 2009 but I took it more seriously in 2012, I am still looking forwad to publishing more of my poems country wide, I write Zulu and English poems... uSenzokhaya Umhayi igama nje elisentshenziswa ezinkondlweni kuphela. Igama ngokwe ncwadi kamazisi uSenzokhaya Sipho Mhlongo, Uzalelwe wakhulela eMtubatuba wafunda eMasibonisane. Ungumbali ozimele kulo mkhakha. Okwamanje usashicilela incwadi yakhe yokuqala yesihloko esithi: Ukwentshisa kwebhobhodleyana. Lomlisa uzalwa nge 30 zika Ntulikazi ngo 1991. ibhungu nje elisakhula futhi elisafunda ngezinto eziningi zempilo. Izinkondlo zalo zikhuluma ngezinto abantu abasha abahlangabezana nazo lapho besakhula empilweni. imininingwane yakhe imi kanjena; email address: senzokhaya.umhayi@gmail.com amadownloads ezinkondlo: www.kasimp3.co, za/senzokhaya noma ulendele @senzokhaya ku twitter)

The Best Poem Of senzokhaya umhayi

Hamba Langa Shona Nothando Lami

Nhiziyo yami usuyokophela ngaphakathi,
Konke kwakubekiw' ukuba kuyophela,
Namanxeba ngiyethemb' azophola,
Nezinyembezi zizogelez' okomay' okungegazi,
Ukungaz' impela kufana nokungaboni,
Konk' sengikubopha ngembelek' emhlane welanga,
Hamba malanga shona nothando lwami,

Ngimuhle ngithamel' isicewu,
Ngicel' isicephu kugogo ngithamel' ilanga,
Ngithumel' amehl' ezintabeni ezigudl' uKhahlamba,
Ngihlamb' izandl' nginikin' ikhanda,
Lufifi ngibhek' amaland' echobana,
Nemisebe yelanga laph' iqhundeka,
Lisho liyoshona likhasel' ezintabeni,
Okomhlaba sekuyosal' emhlabeni,
Bekuwuthand' umyalelo ka Adam no Eva,
Ngikwendlalel' isidikiselo isihogo sokushis' uthando,
Hamba langa shona nothando lami,

Ontanga bami ngibashay' indiva,
Lapho begegetheka bedl' insini,
Ngiqhath' usiz' ngidl' imihlathi,
Ngiye ngizisole ngibheke emuva,
Ngangithi ngithole imvu,
Engenamelusi ngith' ingelosi,
Yan' imvula yawavula amaphiko,
Waqala wavungam' umoya wosizi,
Aqal' avulek' amehlo ngayibon' imibala yamaphiko,
Hamba langa shona nothando lwami,

Ngibuyel' emuv' ngiland' imiqing' yemilando,
Lapho sidudulana ngesinqandu,
Esixabanis' izindebe ziye zishay' ihlombe,
Kuye kunanel' izihosh' zemith' ye denga,
Engidedele ngith' diya diya ngishay' uzamthilili,
Ngikhoth' udebe ngidansel' imizwilili nemi khulungwane,
Yezinyoni zehlath' elikhulukazi ehlane,
Phakath' ezihosheni sibhekana ngonyazi lonyezi onyelela lufif' emafini,
Uhamba uyoshona nothando lwami,

Izinyembezi zothando lwethu,
Ukugongobala kwenhliziyo yami,
Imilando nenjabulo yethu,
Uthando inzondo nenxabano,
Izifungo nezethembiso zakho,
Namanga namaqiniso ethu,
Ngikupheka ngogozwana,
Ngikubopha ngentamb' ebomvu yemoy' emibi,
Ngik'bek' esivivaneni sokushona kwelanga,
Kuyoba inganekwane yamagwabab' azob' echoban' emathafeni,
Laph' ilanga lihamba liyoshon' ezintabeni.

Hamba langa shona nothando lwami

Senzokhaya Umhayi

senzokhaya umhayi Comments

Hulumeni 22 November 2018

Uyabheda slhama sakho didi lrnja

0 0 Reply
MVUZO M SIBIYA 06 March 2018

CREATIVE AND SIMPLY ENLIGHTING THE THOUGHTS AND FEELINGS ABOUT EVERY SITUATION HE WRITES ABOUT SIMPLY THE BEST

1 0 Reply
Gugu Marcia Masina 02 December 2015

grt poems indeed keep it up

2 0 Reply
Mongameli Mazongolo 11 May 2014

ola nkunzi yam. ngiyawubona umsebenzi wakho muhle kakhulu. qhubekela phambili mdoda. big up!

15 3 Reply

senzokhaya umhayi Popularity

senzokhaya umhayi Popularity

Close
Error Success