Ukube nganginakho ukuthi ngizikhethele
Ngalolosuku olwandulela isiqalo soqobo lwami
Ngangiyomcela kahle uMveli-Nqangi
Ngithi kuye: Mdali ngenze ngibe m’nyama
Ngibe m’nyama ngifane nobusuku
Ngoba ubusuku buhle
Ngibe m’nyama ngifane nefu lemvula
Ngoba owami umjuluko wondla umhlaba
Ngibe m’nyama ngifane nolwandle
Ngoba eyami imicabango ijule kanjalo
Ngibe m’nyama ngifane nenhlabathi
Ngoba owami umoya unothe kangako
Ngibe m’nyama, amehlo ansundu, izinwele zewuli
Ngibe m’nyama, ikhala elikhulu, izindebe eziyugqinsi
Ikhona ngiyogwinya uthingo-lwenkosazana maqede
Ngikhazimule ngenkazimulo yemisebe yenkululeko
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem