Umcabango wathumela isintu enyangeni
Iqhelelene kangakanani iFuji, ne Tafula
Uma nginethuba lokuthi ngizikhethele
Ngingakhetha ukuphila isikhashana maqede
Ngishone, kunokuthi ngingaphili kwa nhlobo
Yingakho ngingena kuzisola ngokuthanda isihambi
Ngawe ngisangane ngikugijimise okwenkukhu
Inqunywe ikhanda, angiyenqenanga ingozi
Yeqiniso engangilazi kahle hle
Iqiniso lokuthi isikhathi esasikusondeze kimi
Yiso kanye esasiyokuntshontsha futhi
Sikuntshontshe ngoku phazima kweso
Ukuphupha ngawe emini kungisondeza kuwe
Ngokusondela okwedlula lokho okomzimba
Ukudlondlobala kothando kuyamangalisa
Induku enhle igawulwa ezizweni kusho isiZulu
Sasendulo, kanjalo ngiyakholelwa ekutheni
Wena uyiyo kanye leyo nduku enhle (yasezizweni)
Uthando lunginike amalungelo okuthi ngiphuphe emini
Amalungelo okucabanga lokho okungaphezu kwamandla
Ngibuye ngikholelwe yikho nge sibindi nango gqozi
Ngakhoke tshela mina, ngitshele kahle, ngitshelisise
Iqhelelene kangakanani iFuji, ne Tafula?
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem