[zulu, Inkondlo] Lapho Bonke Bethi Ngeke Ngilunge Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Lapho Bonke Bethi Ngeke Ngilunge

Lapho bonke bethi ngeke ngilunge
Wena wathi ngiyolunga
Lapho ngangeswele isizathu sokuqhubekela
Phambili
Wena wangidudula ngemuva
Wena wakholelwa kimi
Ukuthi ngiyophakamela phezulu
Emva koku wela phansi
Lapho ngangomele izimpendulo
Wangipha amazwi akhaliphile
Wabekelela kimi
Ithemba, uthando, no mcebo wakho
Ukuze ngi landele wonke amaphupho ami
Kimina wabeka wonke amathemba
Yilokho engingaku qondisisanga
Wa bona ini kimi
Lena mina enginga yi bonanga
Wa qondisisa ukuqhuzuka endleleni
Wa cacisa isizathu samashobolo
Wangipha ithuba lesibili
Ngemuva kwethuba lesibili
Ukuba nawe (empilweni) kuyinhlahla enkulu
Inhlahla edla wonke amashobolo

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success