Thula Moya Wami Poem by senzokhaya umhayi

Thula Moya Wami

Rating: 5.0


Khala Nhliziyo yami uzithulise,
Akusasizi ukukhala ngoba usethule,
Soze kwanginceda ukuqandula ngoba isidumbu sakhe sesiphumule,
Nomphefumulo wakhe usuphumile,
Yena owakithi usenyukele phezulu ku Mdali,
Phinde ngidlale naye,
Asoze ngambona ngamehlo enyama futhi,
Inyama yakhe angisophinde ngiyibone inyakaza futhi,
Noma amehlo ami engakhala igazi,
Akasoze wabuya,
Ngisho nembali iyabuna
Thula moya wami thula,

Izindlela zakhe bese zifike ekugcineni emphelandaba,
Isiqephu sakhe bese sifike esiphethweni,
Saye sagoqwa saphelela phambi kwamehlo ethu,
Noma izindlebe zami bezisalangazelela ukunambitha izwi lakhe,
Noma izinyawo zami bezisafisa ukunyathela naye izindlela ezininingi,
Mlomo wami bambelela ngezansi wehle ngobonda njengesicabucabu,
Yize busafuna uku qephuqephuza naye ngempilo yomhlaba,
Zandla zami ngiyanigeza asophinde nimunxawule futhi,
Mzimba wami lala ngenxeba awusophinde umengame futhi,
Mehlo ami ngicela nimubuke nimubhekisise,
Lapho nimubona okokugcina nimgcina,
Lapho abafowethu bemgcina endlini yakhe yokugcina,
Lapho ingane yakwethu ibeletha embelekweni yayo yokugcina,
Usehambile izinhloso zakhe seziphethiwe,
Thula moya wami mukhulule ahambe

Impela kugawuleke igatsha ebelisathi liyathela nje,
Lapha bekuseyimbalana ebisathi iyaqhakaza nje,
Nezinyosi bezingakaqali ukuzokwenana isikhutha nje,
Lapha bekusenamaphupho empumelelo ebesathi ayaqala ayafezeka,
Besise NgamPhuphu asakhula esidlekeni sikamama wethu,
Naye owasishiya sisanuka umswane walibangisa kwelamathongo,
Nawe ngane yakwethu usuyamulandela pho,
Manje sengisele ngiwuswana olulodwana nje,
Isingishiyile ingane yakwethu kuwukuphela kwayo,
Yehla zinyembezi zami ngikwesule,
Ngimubone okokugcina ngimgcine,
Thula moya wami thula

Inhliziyo yami igongobele ngaphakathi kwami,
Izinyembezi zami ziyageleza njengamanzi amdaka,
Amehlo ami omele ubhici njesihlahla esikhala inomfi,
Amanzi amnyama akhukhule kwezwakala,
Ithunzi elimnyama lingigubazele ngasal' ehlane,
Ilanga lingishonele ezintabeni,
Ngasala ngedwana njengomtshingo owephukile,
Imvu ebengiluswe nayo ihlatshiwe,
Thula moya wami thula

Noma ngiwezwa amazwi endunduzo ezihlotsheni nakubo abangani,
Noma bengithumelele imiyalezo yokuma isibindi,
Kepha ngisakhihla isililo namanje,
Ngibuka igodi esebembele lona okuyilona elizofumbatha inyama namathambo akhe inguna phakade,
Ngiyalibuka ibhokisi lehla kancane kancane lingena emhlabathini lingesenakuvuleka ngimbone okokugcina,,
Lehla njengezinyembezi zami ezihlathini,
Ngiyamuzwa umfundisi esho uthuli othulini,
Ethi sinjengamanzi achithiweyo angasenakubuthwa,
Impela ziyazehlela izinyembezi zami,
Thula moya wami thula

Naba sebeletha ifosholo eligcwele umhlabathi phambi kwami,
Aphinde umfundisi uthuli othulini,
Umlotha emlotheni,
Lapha ngicaphune izinhlamvu zomhlabathi ngazefumbatha ngesandla sami sokudla,
Ze ngimuvalelise ngimembathise ngalo,
Lona lelihlabathi elizoba ingubo yomzimba wakhe inguna phakade.

Ngalo ngithi hamba kahle ngane yakwethu,
Sisele ngemuva nathi asikwazi lapho okhona,
Kepha sinamathemba okuthi uzohlala kahle,
Nathi siyeza lapho sisezithendeni zakho,
Uze wazi ukuthi uzohlala usentendeni yezinhliziyo zethu,
Imilando yakho izohlala isebhukwini yemicabango yethu nsuku zonke,
Asethembe ukuthi uyasizwa lapho okhona,
Ndlelanhle noma singakwenzelanga umphako wendlela kusenesikhathi,
Thula moya wami thula

Akekho obelwazi lolusuku,
Kepha thina esisasele asibheke ophezulu sibonge ukuthi sisaphila,
Nathi luyeza olwethu olungaziwa.
Sonke siyalandela kuleyo ndlela.
Thula moya wami thula.

'Rest In Peace to everyone that we've lost along the journey of life'

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
By Sєиzσkнαуα Uмнαуi, © 2013, All rights reserved.
COMMENTS OF THE POEM
Dudu Nzama 21 November 2018

I love your poem, I will share it this weekend at a friends memorial.. god bless you

6 0 Reply
Wandisile 27 March 2018

I like ths one i wsh i can get it as a songtrack

5 2 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success